UMagazi usesayine kwiMaritzburg
UTHUSHUKE kwiMaritzburg United umdlali ozakhele igama kwiKaizer Chiefs uSiyanda “Magazi” Xulu.
Leli phephandaba lihoshe ngomthombo walo othembekile ukuthi uMagazi usesayine kwiTeam of Choice inkontileka yeminyaka emithathu.
“UXulu usengumdlali weMaritzburg United, usayine inkontileka yeminyaka emithathu. ICape Town City ibimfuna kodwa yenza kancane. Empeleni amaqembu abemfuna kwi-Absa Premiership abemane bese kuba yi-Athletico de Kolkata yase-India,” kusho umthombo ongashayi nangephutha eceleni.
Lo mdlali uzokwethulwa ngokusemthethweni njengomdlali weTeam of Choice namuhla ngo-9 ekuseni eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu. UXulu (25) ukhuze ibuya eNingizimu Afrika kumasizini amabili edlule. KwiChiefs bekubhekwe ukuthi azovala isikhala sikaTefu Mashamaite owashiya leli qembu walibangisa eSweden kwiFC Hackens egijima esigabeni esikhulu.
Ngempelasonto Isolezwe ngeSonto libikile ukuthi uXulu uzohlukana neChiefs ngoMsombuluko.
UXulu ubesasalelwe yiminyaka emithathu kuMakhosi. Leli phephandaba like lahosha ukuthi Amakhosi abefuna ukuyinqamula inkontileka yakhe bese emnika umholo wezinyanga ezintathu kodwa uXulu nemenenja yakhe uPaul Mitchell benqaba.
Lo mdlali ubesephenduke ifenisha kuMakhosi kwazise umqeqeshi uSteve Komphela ubengayizwa kahle indaba yakhe. Ubencamela ukudlalisa u-Eric Mathoho noLorenzo Gordinho phakathi nenkundla emuva.
Uma kukhona olimele noma othole ikhadi ubedlalisa uDaniel Cardoso. UXulu ubedlala kwiFC Rostov yaseRussia ngaphambi kokuthi ajoyine iChiefs aze ashiya kuyona engazange awine lutho.
Wagqama kwiMamelodi Sundowns ngaphambi kokulibangisa phesheya kwezilwandle. Useke wahlolwa yizinkunzi zamaqembu aphesheya kwezilwandle. Wahlolwa yiBarcelona yaseSpain ne-Arsenal yase-England.
UXulu useyidlalele amahlandla amane iBafana Bafana. Lo mdlali odabuka KwaMashu uqale ukuyibamba esigabeni esikhulu ngo-2009. Akakaze adlale eqenjini laKwaZulu-Natal (KZN) esigabeni esikhulu.
Imizamo yokuthola imenenja yakhe uMitchell weSiyavuma Sports Agency okuyinkampani ephethe izindaba zakhe igcine ingaphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa. ITeam of Choice imemezele ukuthi inesithangami nabezindaba lapho izokwethula khona abadlali abasha namuhla.