Isolezwe

Amazwi enduduzo ngoMasilel­a

- NOKUBONGWA PHENYANE

OSAZIWAYO baseNingiz­imu Afrika badlulise amazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni kukaDumi Masilela, bekhalisan­a kakhulu nenkosikaz­i yakhe uSimphiwe Ngema.

UDumi noSimphiwe bashade umshado wesintu ekuqaleni kukaJuni.

Umethuli wezinhlelo uBoity Thulo ubhale kuTwitter wathi: “Ngiyazwela­na futhi ngidlulisa amazwi enduduzo emndenini kaDumi nakunkosik­azi wakhe. Sengathi umphefumul­o wakhe ungalala ngoxolo.

UMrepha uBlacklez uthe, “Lala ngoxolo Dumi Masilela. Duduzekani mndeni nezihlobo. Ubugebengu buyinkinga enkulu , omunye umndeni usulahleke­lwe indodana”.

URami Chuene oselingisa kuThe Queen kodwa owake wabonakala kuRhythm City uthe: “Uthando lwabantu abancane olunakho konke luzamazisi­we lavivinya. Simphiwe Ngema akukho mazwi kodwa sizwelana nawe. Lala ngokuthula Dumi Masilela”.

Umngani omkhulu kaDumi, uThami Mngqolo, ongumlingi­si uthe: “Lala ngokuthula mfowethu. Ngihluleka nokukhulum­a. Sengathi singaphind­e sihlangane noNkulunku­lu akugcine esandleni sakhe.”

Umlingisi uGail Mabalane uthe: “Simphiwe ngizwelana nawe kulesi sikhathi esinzima. Ngisathand­aza njengoba kungathi kukhona ozongivusa athi ngiyaphuph­a iphupho elibi. Siyazwelan­a nawe ngokulahle­kelwa. Ukufa kuyisela. Niqine wena nomndeni wakho.”

Owayenguml­ingisi weRhythm City, uPam Andrews, uthe uthukile ezwa lezi zindaba. Uthe uDumi ubehlala engumuntu othanda ukukhuthaz­a abantu.

Abantu bakuleli ezinkundle­ni zokuxhuman­a bebesadume­le futhi bekhalisa umndeni ngokushona kwalo mlingisi.

UMpumi Phillips ekhuluma esiteshini sakwaeNCA uthe azikho izinhlelo ezikhona kule mpelasonto konke bazokubona ngesonto elizayo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa