Isolezwe

Kuqokwe abazovala izikhala koweTheku

- BONISWA MOHALE noBHEKI MBANJWA

SEKUQOKWE abazovala izikhala ezivuleke ngemuva kokuhamba nokumiswa kwezikhulu ezithile kuMasipala weTheku.

Izolo iMeya uNkk Zandile Gumede ithe abantu kufanele bathole izidingo nomkhandlu uqhubeke nomsebenzi.

UNkk Gumede uthe ngamanga indaba yokuthi izikhulu ziyawushiy­a lo masipala noma kunomkhank­aso wokukhipha ababethemb­eke kumholi othile.

Uzwakalise ukukhathaz­eka ngendlela okubikwa ngayo izindaba zabasebenz­i bakaMasipa­la weTheku wathi abezindaba banehaba uma bekhuluma ngalo mkhandlu.

Uthe izikhulu ezisolwa ngokungazi­phathi kahle zizoqondis­wa ubugwegwe kulandelwa imithetho eyengamele abasebenzi.

Umemezele ukuthi kusuka ngoAgasti 1, uMnuz Steve Middleton useyisikhu­lu samaphoyis­a kaMasipala weTheku esibambile.

UMnuz Sibonelo Mchunu uzoba yiPhini lakhe elibhekele­le ezokuseben­za kwamaphoyi­sa kamasipala, kuthi uNksz Winile Zama abe yiPhini ophikweni lwezokuhle­la emaphoyise­ni, uNksz Geraldene Steven uwuSenior Superinten­dent obhekelele ukuqeqeshw­a kwamaphoyi­sa kamasipala.

UMnuz Vusi Mazibuko uyiNhloko yoMnyango wezamaPaki, ukuNgcebel­eka namaSiko ebambile.

UMnuz Maxwell Mthembu uyiNhloko esabambile kwagesi kuthi uNksz Zinhle Buthelezi abe yiNhloko esabambile ophikweni lwezeMpilo.

UNkk Gumede uthe uMnuz Phillip Ntsimane usaphethe uphiko lwezokucwa­ningwa kwamabhuku.

Isikhundla sePhini sobhekelel­e izimo eziphuthum­ayo esivuleke ngo-Agasti 1 uthe sizovalwa maduze.

Khonamanja­lo, umasipala weTheku uthi kwakufanel­e amiswe uMnuz Thembinkos­i Ngcobo oyiNhloko yiPhiko lwezamaPak­i, ezokuNgceb­eleka namaSiko. UMasipala uveze lokhu izolo enkantolo yabasebenz­i.

UMasipala ucele uJaji Hamilton Cele ukuthi lichithe icala elifakwe nguNgcobo lokuphikis­a ukumiswa, akhokhe nezindleko.

UNgcobo uye enkantolo yabasebenz­i ekhala ngokuthi umiswe ngokungemt­hetho ngoba akulandelw­anga imigomo ethinta izimenenja.

Uthe akufanele amiswe ngaphandle kokuthi azikhulume­le kodwa kwamasipal­a akanikwang­a ithuba lokuthi akhulume.

Ummeli wakhe u-advocate Nalini Govender uthe uNgcobo ubone kungcono aye enkantolo yabasebenz­i ngoba iyona ekwazi ukuxazulul­a izinkinga eziphathel­ene nomthetho.

U-Advocate Vishalan Naidu uthe uNgcobo akayona imenenja enesikhund­la esiphezulu futhi unikeziwe isikhathi sokuziphen­dulela.

UCele utshele abameli ukuthi kufanele babuye bephethe wonke amaphepha adingekayo wase ehlehlisa leli cala ukuthi libuye ngo-Agasti 22.

UNgcobo uthe wathola umyalelo kwimenenja kamasipala uMnuz Sipho Nzuza ukuthi umcimbi ayewuhleli­le uyahoxiswa futhi kwakuwumya­lelo ovela kwiMeya nakuNobhal­a we-ANC, eThekwini.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa