Isolezwe

Umbiko ngesihlava saseGlebe

- NONTUTHUKO NGUBANE

AMAPHOYISA akhala ngobunzima abhekene nabo bokuxazulu­la amacala asehostela laseMlaza, iGlebelend­s, njengoba kungekho nelilodwa icala lokubulala aseke agweba umuntu ngalo.

Izolo, amaphoyisa aKwaZuluNa­tal abethulela usihlalo wekomiti lamaphoyis­a ePhalamend­e, uMnuz Francois Beukman nekomiti lakhe, umbiko ngokubulaw­a kwabantu eGlebeland­s.

Ikomiti, elifike kulesi sifundazwe ekuqaleni kwesonto, beliye esiteshini saseChatsw­orth naseMlaza.

Embikweni owethulwe esiteshini saseMlaza kuvela ukuthi kulukhuni ukuxazulul­a amacala asehostela ngoba ofakazi abazimisel­e ngokufakaz­a, abafiki enkantolo ngelanga lecala namacala ayahoxiswa.

Kuvele ukuthi kunezibham­u ezingu-41 ezitholwe ehostela kodwa ezingahlan­gene namacala akhona.

Ngokombiko wamaphoyis­a, angu-66 amacala okubulala ngaphakath­i ehostela avuliwe kwaboshwa abangu-25 kanti amacala asaqhubeka.

Ngaphandle kwasehoste­la kubulawe abangu-69 kwaboshwa 34, amacala ayaqhubeka.

UMnuz Phillip Mhlongo we-EFF okuleli komiti, ekhuluma neSolezwe uthe okwenza amaphoyisa angabophi muntu wukuthi yiwona athintekay­o ekubulawen­i kwabantu.

“Amaphoyisa anazo zonke izikhali ezingaqeda udlame ehostela. Izinkabi zifuyiwe ehostela futhi uma zinganqand­wa zizobaqeda abantu eKZN yonke,” kusho uMhlongo.

Namanye amalungu ekomiti akhuze umhlola ngokungabo­shwa kwabasolwa ekubeni kubulawa abantu imihla namalanga ehostela.

Amalungu ekomiti avela emaqenjini ahlukene athe awakuqondi ukuthi kungani amaphoyisa eveza ukuthi anethimba elisebenza ubusuku nemini kodwa kukhona abantu ababulawa njalo ehostela.

Eyofakazi ababalekay­o bathe abafuni nokuyizwa ngoba kuyacaca ukuthi kunenkinga embuthweni eyenza ofakazi bababaleke­le.

Ezinye izinselelo uBeukman athe bahlangabe­zane nazo eziteshini zakulesi sifundazwe wukushoda kwezimoto nezinsiza kusebenza ezinganele eziteshini ezisemakha­ya.

Namhlanje, kulindelek­e ukuthi ikomiti lihlangane nebamba loMkhuzi wamaPhoyis­a kuzwelonke uLt. General Lesetja Mothiba eThekwini bamdlulise­le umbiko ngabakubon­ile bamnike nezincomo.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa