Umbiko ngesihlava saseGlebe
AMAPHOYISA akhala ngobunzima abhekene nabo bokuxazulula amacala asehostela laseMlaza, iGlebelends, njengoba kungekho nelilodwa icala lokubulala aseke agweba umuntu ngalo.
Izolo, amaphoyisa aKwaZuluNatal abethulela usihlalo wekomiti lamaphoyisa ePhalamende, uMnuz Francois Beukman nekomiti lakhe, umbiko ngokubulawa kwabantu eGlebelands.
Ikomiti, elifike kulesi sifundazwe ekuqaleni kwesonto, beliye esiteshini saseChatsworth naseMlaza.
Embikweni owethulwe esiteshini saseMlaza kuvela ukuthi kulukhuni ukuxazulula amacala asehostela ngoba ofakazi abazimisele ngokufakaza, abafiki enkantolo ngelanga lecala namacala ayahoxiswa.
Kuvele ukuthi kunezibhamu ezingu-41 ezitholwe ehostela kodwa ezingahlangene namacala akhona.
Ngokombiko wamaphoyisa, angu-66 amacala okubulala ngaphakathi ehostela avuliwe kwaboshwa abangu-25 kanti amacala asaqhubeka.
Ngaphandle kwasehostela kubulawe abangu-69 kwaboshwa 34, amacala ayaqhubeka.
UMnuz Phillip Mhlongo we-EFF okuleli komiti, ekhuluma neSolezwe uthe okwenza amaphoyisa angabophi muntu wukuthi yiwona athintekayo ekubulaweni kwabantu.
“Amaphoyisa anazo zonke izikhali ezingaqeda udlame ehostela. Izinkabi zifuyiwe ehostela futhi uma zinganqandwa zizobaqeda abantu eKZN yonke,” kusho uMhlongo.
Namanye amalungu ekomiti akhuze umhlola ngokungaboshwa kwabasolwa ekubeni kubulawa abantu imihla namalanga ehostela.
Amalungu ekomiti avela emaqenjini ahlukene athe awakuqondi ukuthi kungani amaphoyisa eveza ukuthi anethimba elisebenza ubusuku nemini kodwa kukhona abantu ababulawa njalo ehostela.
Eyofakazi ababalekayo bathe abafuni nokuyizwa ngoba kuyacaca ukuthi kunenkinga embuthweni eyenza ofakazi bababalekele.
Ezinye izinselelo uBeukman athe bahlangabezane nazo eziteshini zakulesi sifundazwe wukushoda kwezimoto nezinsiza kusebenza ezinganele eziteshini ezisemakhaya.
Namhlanje, kulindeleke ukuthi ikomiti lihlangane nebamba loMkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke uLt. General Lesetja Mothiba eThekwini bamdlulisele umbiko ngabakubonile bamnike nezincomo.