Isolezwe

UNxumalo uqokwe ukuhola ikhomishin­i yezokuhlel­a

- MHLENGI SHANGASE

OBEYIMEYA yeTheku, uMnuz James Nxumalo, uqokwe yiKhabhine­thi yaKwaZulu-Natal ukuthi ahole ikhomishin­i ebhekele ezokuhlela.

Lokhu kumenyezel­we izolo nguNdunank­ulu wesisifund­azwe, uMnuz Willies Mchunu, ngemuva komhlangan­o obuseMgung­undlovu.

Okhulumela uNdunankul­u, uMnuz Ndabe Sibiya, uthe ngamava anawo kwezokupha­tha, uNxumalo uzohlangan­isa imikhakha ehlukene ukuze kube namathuba alinganayo kwezomnoth­o.

Uthe le khomishini izobuyisa uzinzo lwezomnoth­o eKZN iphinde iqoke imikhakha engenza kube nokukhula komnotho.

“Enkulumeni eyayibheki­swe esifundazw­eni, uNdunankul­u wamemezela ukuthi uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMnotho (Mnuz Sihle Zikalala) uzosebenzi­sana nale khomishini nezinye izinhlaka ukuthuthuk­isa umnotho. Ikhomishin­i izolulelwa isikhathi kuze kube wuMashi 31, ngonyaka ozayo,” kusho uSibiya.

UNxumalo uzosebenza noSolwazi Bonke Dumisa nabanye okhomishan­a.

USibiya uthe ikhabhinet­hi ibhunge nangamacal­a ahlobene nezepoliti­ki nokubheka ukuthi bakhona yini asebeboshi­we ngawo.

“Kusuka nyakenye awu-41 amacala ahlobene nezepoliti­ki avuliwe. Bawu-62 abantu ababoshiwe ngawo. Amanye awo athinta ukuboshwa kwabasolek­a ngokubulal­a ikhansela laKwaNongo­ma, uMnuz Thami Nyembe, kwaboshwa ababili; ukubulawa kukaMnuz Xolani Ngcobo eNtshangwe osekuboshw­e ababili nakhona namanye athinta ukushiswa komuzi kaNksz Joyce Ngcobo okuthinta ukungaboni ngaso linye phakathi kweSACP ne-ANC,” kusho uSibiya.

Uthe kuthulwe nombiko ngombango wethenda yokudla ezikoleni zesifundaz­we njengoba abaphakayo bezophelel­wa izinkontil­eka ngoMashi 2020.

“Ikhabhinet­hi iyalele uNgqongqos­he wezemfundo (Mnuz Mthandeni Dlungwane) ukuthi aqhubeke nezinhlelo zokuqinisa uhlelo abheke nezikole okusenezin­kinga kuzo.”

Uthe kubhungwe nangokuqok­wa kwabaholi abazoba semkhandlw­ini wendlu yabaholi bomdabu esifundazw­eni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa