Bazoxoxa ngokusekwa kwamaqembu ngemali
UMNYANGO wezeziMali utshele iPhalamende ukuthi ucela ukuba khona uma kuxoxwa ngokuthi amaqembu epolitiki aveze ukuthi asekwe ngobani ngezimali. Izingxoxo zizodingida ukuthi amaqembu epolitiki kufanele anikezwe malini wuhulumeni nokuthi aphinde aveze abaxhasi bawo abazimele.
Amaqembu epolitiki athola uxhaso luka-R150 million oluvela kwiIndependent Electoral Commission (IEC) bese iqembu ngalinye lithole ngobuningi bezihlalo zalo ePhalamende.
Izolo uSihlalo wekomidi eliphenya udaba lokuxhaswa kwamaqembu epolitiki, uMnuz Vincent Smith, uvumile ukuthi uzodedela amaqembu awu-17 ukuthi azochaza ukuthi axhaswa ngobani emasontweni amabili ezayo.
Kulindelwe ukuthi kube khona nezinhlangano ezimele umphakathi, iCosatu nezinkampani ezigxile kwezocwaningo okulindeleke ukuthi zona zibhale iziphakamiso zazo.
USmith uthe uzimemile zonke lezi zinhlangano futhi umeme uMnyango wezeziMali, owezaseKhaya nabe-IEC.
UMholi we-UDM, uMnuz Bantu Holomisa, ubuzile ukuthi umthethosivivinywa wokuxhaswa kwamaqembu epolitiki uzophasiswa ngaphambi kokhetho luka-2019 noma emuva kwalo yini?
Wabuza ukuthi ngabe amalungu ePhalamende azobhekelela isabelomali uma ekhuluma ngalokhu.
USmith uthe akazi ukuthi uzophasiswa nini umthetho wokuxhaswa kwamaqembu epolitiki ngoba lokho kulele ePhalamende.
“Angikakayicabangi indaba yesabelomali. Ngokwazi kwami sizokwenza ucwaningo nezincomo bese sibeka umthetho sivivinywa ePhalamende okuyilona okufanele liwuphasise bese libhekelela nesabelomali,” kusho uSmith.
Kudala kwaqala kuxoxwa ngokuthi amaqembu epolitiki kufanele aveze abaxhasi bawo. Ne-ANC ithe kufanele kube nomthetho olawula ukuxhaswa kwamaqembu epolitiki.
Amaqembu aphikisayo nawo athe i-ANC kufanele iveze ukuthi wubani oyixhasayo. USomlomo wePhalamende, uNksz Baleka Mbete, uthe ufuna umthetho wokuxhaswa kwamaqembu uphasiswe ngaphambi kokhetho.