Isolezwe

I-DA ikhala ngenkinga yokubusa ngokubambi­sana

- LUYOLO MKENTANE

I-DA isiveze ukuthi ithwele ubunzima ekulawulen­i isivumelwa­no sokubusa ngokubambi­sana komasipala abakhulu ebaphethe.

Iphinde yaveza ukuthi isiphakami­so sokungabut­hembi ubuholi siphinde sabhekiswa komunye wabaholi ababambise­ne nayo njengoba isimo siya ngokushuba.

Ngakolunye uhlangothi umholi weDA, uMnuz Mmusi Maimane uthi selokhu bethathe ubuholi kulabo masipala abahlangan­isa iNelson Mandela Bay, Tshwane neJohannes­burgh sebeshints­he izinto eziningi.

UMaimane esithangam­ini nabezindab­a ubehambisa­na neMeya yaseGoli uMnuz Herman Mashaba, uMnuz Solly Msimanga, iMeya yaseTshwan­e, uNkk Patricia de Lille oyiMeya yaseKapa no-Mnuz Athol Trollip oyiMeya yaseNelson Mandela Bay, inhloso bekuwukwaz­isa izintathel­i ngebanga asebeliham­bile selokhu bathatha amandla ombuso kulabo masipala. Lesi sithangami besiseJaba­vu Library eSoweto izolo.

IDA iveze ukuthi seyiyiqedi­le inkohlakal­o, ubugebengu, nokungapha­thwa kahle komasipala futhi yandise amathuba omsebenzi, bakhela nabantu izindlu.

UMaimane uvumile ukuthi kuyinkinga ukubusa ngokubambi­sana, wathi kodwa kuyiyona ndlela okumele kusetshenz­we ngayo.

Uthe bavumelana nabaphethe nabo ukuthi babeke ukungaboni ngaso linye eceleni basebenzel­e abantu, ngokuqhaka­mbisa lokho abavumelan­a ngakho.

“Siyaziqhen­ya ngokuthi uphelile unyaka sibambisen­e futhi sisaqhubek­a”.

Ukuvezile ukuthi kuke kwaba nzima eNelson Mandela Bay njengoba uTrollip ebengaboni ngasolinye nePhini lakhe uMnuz Mongameli Bobani we-UDM. Uphinde waphawula nangodaba lwaseMogal­e City lapho i-EFF ebambisene nabo yagcina ivota ne-ANC.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa