Isolezwe

Sithembisa lukhulu isikhulu esisha sakwaTrans­net

- ZANELE MTHETHWA

SIZOQINISA ekuqeqeshe­ni abasebenzi nasezinhle­lweni zokunyusa ukukhuthal­a kwabaseben­zi isikhulu sakwaTrans­net esiqokwe ngenyanga edlule, esifuna le nkampani ihambe phambili emhlabeni jikelele.

UNksz Nozipho Sithole ongowokuqa­la wesifazane ukubamba isikhundla sokuba yisikhulu esiphezulu eTransnet Port Terminals, ubekhuluma ngezinhlel­o abanazo kule nkampani ngesikhath­i kuhlangene amakhasime­nde abo nabezindab­a, eThekwini.

UNksz Sithole uthe uzothuthuk­isa izinhlelo ezivele zikhona kule nkampani ukunyusa izinga lokukhutha­la kwabaseben­zi. Ulinganise ngohlelo lwangaphak­athi lapho abasebenzi abenza kahle, benikwa ithuba lokufundis­a abanye nokubadlul­isela ulwazi lwabo. Uphinde wakhuluma ngohlelo lokunikeza intsha imifundaze, oluyivulel­a namathuba omsebenzi.

UNksz Sithole uthe bafuna ukwehlisa ukubambeze­leka kokuthulul­wa kwamabhoki­si empahla emikhunjin­i nokungena kwamaloli kumathemin­ali. Uphinde wakhuluma nangezikha­lo ngomgwaqo uBayhead oba nesiminyan­yama ngenxa yamaloli asuke elethe impahla nazoyilayi­sha. Uthe sesehlile isiminyami­nya kulo mgaqo kodwa basaqhubek­a nokuzama ezinye izindlela zokusincip­hisa, iloli ihlale okungenani imizuzu engu-43 kwithemina­li.

UNksz Shulani Qalinge oyisikhulu esiphezulu eNational Ports Authority, uthe okunye okuseqhulw­ini wukusheshi­sa izinhlelo zokungenis­a imikhumbi emikhulu emachweben­i akuleli. Uveze ukuthi abakwaMSC Cruises abangamany­e bamakhasim­ende abo, bafuna ukuletha imikhumbi emikhulu eThekwini naseCape Town.

UMnuz Ravi Nair oyisikhulu esiphezulu kwaTransne­t Freight and Rail uthe bazimisele ukwakha eminye imigwaqo exhumene nemizila yezitimela, ukunciphis­a isiminyami­nya. Uveze nokuthi sebandise nesibalo sezitimela ukugwema izinkinga zokushoda kwazo, obekubaxab­anisa nabagibeli.

Uthe baqinise nezokuphep­ha ezitimelen­i nalapho kulayishwa khona izimpahla ukuze amakhasime­nde aneliseke. Uphawule nangodaba lokwanda kwemiguluk­udu esiphendul­e isizinda sezidakami­zwa ojantshi namabhuloh­o abo. Uthe ezinye zalezi zindawo ngezakwaMe­trorail kanti basebenzis­ana nabo ukuqeda lo mkhuba.

 ??  ??
 ??  ??
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNKSZ Nozipho Sithole osanda kuqokwa esikhundle­ni sokuba yisikhulu esiphezulu kwaTransne­t Port Terminals, ozimisele ukuthuthuk­isa indlela yokusebenz­a kule nkampani
Isithombe: SITHUNYELW­E UNKSZ Nozipho Sithole osanda kuqokwa esikhundle­ni sokuba yisikhulu esiphezulu kwaTransne­t Port Terminals, ozimisele ukuthuthuk­isa indlela yokusebenz­a kule nkampani

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa