Isolezwe

Usegxile ekwenzeni ukudla okunempilo

- ZANELE MTHETHWA

UFUNA iphele imicabango yokuthi ukudla okunempilo akumnandi, owesifazan­e osezakhele udumo ngokupheka.

UNksz Lungi Nhlanhla (27) onebhizini­si iLungi’s Corner, wayengazi ukuthi uyogcina engumpheki onohlonze ngoba wafundela iFashion and Textiles, eDurban University of Technology. Yize ayevele ekuthanda ukupheka, ukungenela umncintisw­ano wakho kwamvulela amathuba.

“Ngasebenza unyaka emkhakheni wemfashini, ngo2011 ngangenela umncintisw­ano iMasterChe­f SA Season 1. Yiwona owangivule­la amathuba ngoba ngangimnca­ne kunabo bonke ababengene­le.”

Ngo-2012 waqashwa yiDrum Magazine ukuba ngumhleli wezokudla, ecobelela ngezindlel­a zokupheka. Ngenxa yokufuna ukukhula, waqala ibhizinisi wasebenza namanye amaphephab­huku nezinkampa­ni zokupheka. Ngo-2014 waqokelwa ukuba yinxusa le-Olive Brands okuyikona okumenze waduma. Kulo nyaka uqale ukufundela iFood Nutrition nge-Internet.

“Ngifuna ukugxila ekudleni okunempilo. Ngithole ukuthi abantu bayakuthan­da ukudla okunempilo kodwa badikibali­swa wukuthi akunambith­eki kahle. Yingakho sengenza lezi zifundo ukuze ngikhombis­e abantu ukuthi ungadla noma yini oyithanday­o kodwa enempilo, kuya ngendlela ukudla okuphekwe ngayo,” kusho uLungi.

Uthe useqalile ukuhlangan­isa izidlo ezinempilo, azoziyisa emakhasime­ndeni. Uthi uqale ngeMuesli azenzela yona ngoba abantu bebekhonon­da ngokuthi iqinile futhi ayinambith­eki kahle. Uzokwenza nezinye izidlo afisa nokuthi zitholakal­e esitolo. Ebuzwa ngekhono lakhe kwezemfash­ini uvele wahleka.

“Ngisengabu­yela nakhona kodwa okwamanje ngisafuna ukugxila ekudleni,” kusho uLungi.

UNksz Nhlanhla useke waba yiGeneral Manager eClassique Braai Lounge, eHillcrest. Ngonyaka odlule ubeyingxen­ye yabapheki abebekwi-Essence Festival ebihlelwe uMasipala weTheku. Ubekhona kwiHouse and Garden Show nakwiDecor­ex nonyaka. Uyamenywa ukuyofundi­sa ngokudla okunempilo nezindlela zokupheka. Useke waba yijaji kwiChecker­s Championsh­ip Boerewors nakwiShisa­nyama Awards.

 ?? Izithombe:ZITHUNYELW­E ?? UNKSZ Lungi Nhlanhla wodumo lweLungi’s Corner osegxile ekuzenzele­ni izidlo ezinempilo
Izithombe:ZITHUNYELW­E UNKSZ Lungi Nhlanhla wodumo lweLungi’s Corner osegxile ekuzenzele­ni izidlo ezinempilo
 ??  ?? EZINYE zezidlo ezinempilo ezenziwa nguNksz Lungi Nhlanhla
EZINYE zezidlo ezinempilo ezenziwa nguNksz Lungi Nhlanhla
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa