I-HRC imyisa enkantolo u-Edward
Umqeqeshi akenzanga lutho. Yilaba badlali asebephelelwe umdlandla wokudlala. Leli qembu bekufanele liqale lakhiwe kabusha kuxoshwe lonke lolu vobe olungenamsebenzi walutho. Buka nje asingenile kwiTop 8, wake walibonaphi ihlazo elinje eqenjini elikhulu kangaka.
Bayofika bahambe abaqeqeshi kwiPirates kodwa uma kungakahambi uScreamer Shabalala noFloyd Mbele kusazoba nzima.
Ngifisa sengathi ningaya ehlathini ngoba ayikho le nto yenu.
Nami impela kuyangimangaza ukuthi laba abahlale bethuka umengameli esidlangalaleni bembiza ngawo wonke amagama lawa ngisho phakathi ePhalamende bona babekwa nini amacala.
Laba abahlale bethuka uZuma ngisho ePhalamende baxolisa nini bona?
Le SAHRC uyazi kuyangimangaza ukusebenza kwayo mina ngoba kukhona la igqamisa khona ukusebenza kwayo kokunye ivele izithulele nje kube sengathi ayikho.
Ngiyayesaba imisebenzi yotshwala kodwa zife kahle zindawonye. Okubi wukuthi umuntu nomuntu uzothatha indawo yakhe ngale kwethuna.
Mmm kubuhlungu ngoba nabo banemindeni ebathandayo. Sengathi imiphefumulo yabo ingalala ngokuthula. Kodwa bese bengezwa yini bona kuthi sekuyashisa manje kumele baphume.
Uthe bayemukela incwadi ka-Edward ngoba uyilungu elilalelayo uma likhuzwa yinhlangano.
Encwadini yakhe u-Edward uthe: “Bengingahlosile ukuphatha kabi abantu ngokubeka uvo lwami ngesimo sepolitiki esenzekayo ezweni. Ngiyawahoxisa amazwi engawabhala encwadini ngamalungu amabili e-ANC. Ngicela ningixolele futhi ngiyathemba le ncwadi izonithola niphilile maqabane.”
Imizamo yokuthola u-Edward ukuba aphawule mayelana nokuhanjiswa kwakhe enkantolo yezokulingana ayiphumelelanga. Ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa kanti nemiyalezo athunyelelwe yona nge-SMS akayiphendulanga.