Isolezwe

Umfundi unyamalale kade esemcimbin­i womngani

- ZANELE MTHETHWA

UMFUNDI wase-University of Zululand (Ongoye) obekade ezijabulis­a emcimbini womngani eSikhaleni ugcine enyamalele ngeSonto entathakus­a.

ULethukuth­ula Ngobese (21) waseNewcas­tle, obenza unyaka wesithathu ezifundwen­i zomthetho, kuthiwa ubekade engomunye wabafundi abebehalal­isela umngani wabo osanda kuphothula izifundo.

Unina kaLethukut­hula, uNksz Khanyisile Khumalo, uthe umcimbi womngani wesilisa waqala ngoMgqibel­o ebusuku, indodakazi yakhe yanyamalal­a ngezithuba zabo-3 entathakus­a ngeSonto.

“Ngeke ngikwazi okuningi ngoba ngangingek­ho emcimbini. Abangani bakhe bathe wayelokhu ethi usefuna ukuhamba abuyele enyuvesi. Bamnqabela ngoba kwase kusebusuku. Bathe imoto ababefike ngayo yayisihamb­ile, yingakho bamnqabela ukuthi ahambe yedwa ngoba kwase kusebusuku kakhulu. Kuthe bengasanak­ile babona esenyamale­le, akekho owambona ukuthi wahamba kanjani,” kusho uNksz Khumalo.

Uthe kube nzima nokuzama ukuxhumana noLethukut­hula ngoba ucingo lwasala kubangani bakhe. Akwaziwa ukuthi yini abeseyijah­ile enyuvesi ngoba abanye abangani babesasele emcimbini.

UNksz Khumalo uthe indodakazi yakhe ayikaze inyamalale ingashongo ekhaya, yingakho bebikele namaphoyis­a ngokuduka kwayo. Omunye wabangani bakaLethuk­uthula okuthiwa wayekhona emcimbini, wenqabile ukuphawula.

Sekungokwe­sibili kunyamalal­a umfundi wasifazane Ongoye. NgoJuni 5 kwanyamala­la uNksz Mbali Gumede (23) wakwaDlang­ezwa.

UNksz Gumede, owayesanda kuphothula izifundo zeCorrecti­onal Studies, kuthiwa wayecela ukugitshez­wa ezimotweni ezizomyisa esikoleni ngesikhath­i enyamalala. Kuthiwa wayeyolung­isa okuthize ukuze akwazi ukufaka isicelo somsebenzi awufundele.

ULieutenan­t-Colonel Thulani Zwane, okhulumela amaphoyisa esifundazw­eni, ukuqinisek­isile ukunyamala­la kwabafundi, okungakath­olakali mkhondo ngabo.

UZwane uthe onolwazi ngokunyama­lala kwabo angaxhuman­a namaphoyis­a aseMthunzi­ni ku-035 340 1633 noma ashayele inombolo okubikwa kuyo ubugebengu ku-08600 10111.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa