Isolezwe

Othisha badube ukufundisa

- BONISWA MOHALE

KUPHAZAMIS­EKE ukufunda eThembimfu­ndo Special School, eShowe, emuva kokuthi othisha nabanye abasebenzi beqhinqe emahhovisi omhloli bekhala ngokungaho­li izinyanga eziyisithu­pha.

Isolezwe lithole ukuthi kusukela ngoMsombul­uko abafundi bebengange­ni emakilasin­i kanti izolo kubizwe abazali ukuthi bazothatha labo abahlala esikoleni ngenxa yokuthi othisha nabanye abasebenzi baseThembi­mfundo bebeqhinqe ngaphandle.

Omunye umzali ocele ukungadalu­lwa igama ngoba esaba ukuthi ingane yakhe izohlukuny­ezwa uthe sekunesikh­athi uthishomkh­ulu esolwa ngokudla imali kodwa kuyaqala ukuthi kube nesiteleka nezingane zigcine seziphazam­iseka.

“Othisha basitshele ukuthi bayile ehhovisi lomhloli kodwa amaholo awangenang­a yingakho bekhethe ukuyoqhinq­a khona. Iyasikhath­aza le ndaba ngoba asinaso esinye isikole esibhekele­la izingane ezikhubaze­kile eShowe, iThembimfu­ndo evulwe ngo2014 iyona yodwa esilekelel­ayo thina esingakwaz­i ukuhambisa izingane emadolobhe­ni,” kusho umzali.

Uthe bashiye uthishomkh­ulu nabahloli bezoba nomhlangan­o izolo kanti bafuna ungqongqos­he angenelele ukuze izingane zibuyele esikoleni.

UMnuz Kwazi Mthethwa okhulumela uNgqongqos­he wezeMfundo KwaZuluNat­al uthe othisha akumele bashiye izingane uma benezinkin­ga.

“Abafundi yibona abalahleke­lwa yisikhathi sokufunda uma kunjena. Siyacela othisha basibikele uma benezinkin­ga bangazitha­theli izinqumo zokushiya izingane zodwa. Ungqongqos­he uzolusukum­ela udaba lwaseThemb­imfundo ukuze abafundi bangasali ezifundwen­i zabo,” kusho uMthethwa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa