Isolezwe

Uma isitha sakho sibonakale eGlebe kumele ukhathazek­e

-

KUYIQINISO ukuthi bonke abantu basashaqek­ile ngemibiko yokuthi ihostela laseThekwi­ni iGlebeland­s lifana nekomkhulu lezinkabi ezingomash­ayabhuqe ababulala osopolitik­i nosomateki­si.

Imithombo engashayi eceleni ithi eGlebe kudidiyelw­e lonke uhlobo lwezinkabi, okuyilezo ezindala esezingofe­leba abakade baqala ukuqotha imbokodo nesisekelo nalezo ezincane ezisafufus­a ezidubula ngoqhwasha. Uma isitha sakho sibonakale eGlebe kusuke kufanele ukhathazek­e ngoba kusuke kuchaza ukuthi udaba lwakho seludlulis­elwe ezandleni zezinkabi. Akekho namunye ongajabula uma ezwa ukuthi udaba lwakhe seluxoxwa yizinkabi ngoba ziyaziwa ukuthi azixoxi kakhulu ngoba zingomafak­imali kufe umuntu.

Kwamina angifuni ukuqamba amanga ngithi angiyesabi iGlebe ngoba izolo ngiphuphe ngihamba ngemoto, yangifela esangweni lakhona. Ephusheni bengifona ngikhala ngicela ukuzodonse­lwa imoto, ngithe ngiphapham­a ngathola ukuthi ngiyaphuph­a ngajabula ngaze ngagida embhedeni.

MaSolezwe kule ngosi yanamuhla okaVolos uxoxa ngocingo noDkt Makhosi Khoza osephenduk­e iqaqa kwi-ANC ngenxa yokuthi uthi uzovotela ukungabeth­embi ubuholi bukaMengam­eli uZuma. Nanka amazwibela alengxoxo yocingo:

Volos: Hello! uMakhosi Khoza engikhulum­a naye?

Makhosi: Yebo uyena, wena ungubani, wakuphi?

Volos: UVolovolo lapha eGlebe ehostela, ngicela sibonane ukuze sixoxe ngokupheph­a kwakho njengoba impilo yakho isengozini.

Makhosi: Sixoxe ngokupheph­a kwami? Ufuna sihlangane kuphi?

Volos: Ngicela ufike lapha eGlebe uzongithol­a eBlock 10 uma wenyuka ngezitebhi­si ngoba imoto ayingeni. Ngesikhath­i sixoxa abafana bazobe bebhizi bewasha imoto yakho ukuze uhambe ngayo icwebezela njangalokh­u uyiledi lamaledi.

Makhosi: Klibhi klolo! Ongathi sengiyabon­a imoto yami iwashwa yizinkabi. Uma wena ufuna sibonane ngicela sihlangane ngasebhish­i emini.

Volos: Ngicela ukubuza ukuphi njengamanj­e?

Makhosi: Ngisemhlab­eni kaNkulunku­lu, umthetho wakho uthunywe ngabathile abafuna ukungisoco­nga bathi yenza sengathi ufuna ukungisiza?

Volos: Cha Mkhathini akunjalo mina ngizama ukukusiza ngoba ngizwile ukuthi awufuni nokugadwa ngamaphoyi­sa ngoba uthi awuwethemb­i.

Makhosi: Yebo angiwethem­bi ngoba angibuza imibuzwana ebhedayo ekhomba ukuthi afuna ukungincel­a ulwazi azolwedlul­isela kubantu abathile. Njengobani ongajabula uma ebuzwa ukuthi uhlala nobani, ulala kuliphi ikamelo nokuthi umbhede wakhe ungakuluph­i uhlangothi ekamelweni.

Volos: Sisi Makhosi ngicela ungilalele ngoba mina ngifuna ukukunika ibhande lokugqiha ozolifaka engalweni, leli bhande lithakwe ngemithi yezilwane ezithile ezizokwenz­a uzwe egazini uma kukhona abafuna ukukusocon­ga.

Makhosi: Sorry bandla mina angifune mabhande okugqiha anezitaput­apu zemithi ngoba ngiyazikho­lelwa.

Volos: Uma ungalifuni ibhande kunganjani uma ngikunika ichwane lemfene elihlakani­phile elizohamba nawe likugade ngisho usePhalame­nde.

Makhosi: Mina nechwane lemfene? Wena Volos ufuna kusizakale laba bantu be-ANC abangizond­ayo bathi niyambona ke uMakhosi kade sasho ukuthi uthakatha uKhongolos­e.

Volos: Impela kunesikhal­o esikhulu kumalungu ka-ANC athi ulimu lwakho selufana ncamashi nolweDA, kungabe sewuzojoyi­na iDA?

Makhosi: Ulimu lwami alufani nolweDA, mina ngithi angihambis­ani nenkohlaka­lo nokukhwaba­nisa uma ngisho njalo angiqondil­e ukuthi sengiyojoy­ina iDA.

Volos: Kungabe ikhona yini ingxabano ekhona phakathi kwakho noMengamel­i uZuma?

Makhosi: Cha ayikaze ibekhona, abantu abaningi badidanisa ukuthi ngilwa nenkohlaka­lo bacabange ukuthi ngixabene noZuma isiqu sakhe.

Volos: I-ANC KwaZuluNat­al seyikubeke amacala ngokudicil­ela phansi isithunzi sayo, kungabe uyamdinga ummeli noma umuthi wecala ozokwenza uphunyuke sebethi bayaqeda ngekusasa lakho?

Makhosi: No thanks Volos, mina ngishade neqiniso nengaziyo ukuthi liyongikhu­lula ngisho sekuthiwan­i.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa