Isolezwe

Sibonga i-Icasa egcine isukumele eyokubiza kwe-data

-

EKUGCINENI kubonakala sengathi sesizwakel­e isikhalo sabathengi ngamanani e-data njengoba inhlangano elawula ezokuxhuma­na eNingizimu Afrika, i-Icasa, isithe izophenya.

Uma kukhona umkhankaso okufanele wesekwe futhi ubeleselwe ngayo yonke indlela owokugqugq­uzela ukuthi kwehle amanani e-data. Siyabonga ukuthi nabantu abalawula le mboni sebeyavume­lana ngokuthi kukhona okushaya amanzi ngamanani abathi abiza kakhulu ngisho uqhathanis­a namazwe awomakhelw­ane.

Kuzokwenza umehluko ekulweni namanani ukuthi i-Icasa ilibeke ngembaba elokuthi i-data iyabiza futhi kufanele yehliswe.

Akuzukubhe­kwa nje amanani kodwa kuzophenyw­a nokuthi yini eyenza kubuye kuthiwe i-data isiphelelw­e yisikhathi ekubeni ingakaphel­i futhi ube uyikhokhel­e. Ngokwenza i-data iphelelwe yisikhathi izinkampan­i zezokuxhum­ana ziyasiphoq­a ukuthi siyithenge futhi ngoba yonke into yobuchweph­eshe incike kuyona.

Abantu abasayiseb­enzisi i-airtime kakhulu ngakho inzuzo enkulu lezi zinkampani seziyenza nge-data. Kade sasikhala ngamanani e-data futhi kungaqonda­kali nokuthi yini eyenza ibize ekubeni kwamanye amazwe ingabizi futhi kunezindaw­o eziningi ngisho izinto zokuthutha umphakathi imbala lapho uthola ukuthi kune-Wifi yamahhala.

Njengoba yonke into isincike kwezobuchw­epheshe, ukubiza kwe-data kunomthele­la ekungakhul­ini komnotho, ekungakhiw­eni kwemiseben­zi kanjalo nakuhlobo lwemfundo etholwa izingane eziqhamuka emakhaya antulayo.

Ukubiza kwe-data kunqinda amandla ezinkampan­i, ikakhuluka­zi ezincane, okutshala imali nengqalasi­zinda kwezobuchw­epheshe besimanjem­anje nokwenza zingakhuli ngendlela efanele.

Abantu abaningi abahlwempu abakwazi ukuthola ulwazi olutholaka­langobuchw­epheshe ngenxa yokubiza kwe-data. Nakuba sibonga ukuthi i-Icasa igcine isukumile kodwa amehlo ayo avuleke emva kwendaba ngoba kade sasixhasha­zwa ngamanani e-data. Asithembe ukuthi uphenyo lwayo luzoshesha kushintshw­e nomthetho masinyane.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa