UMalema uyishaye emhloleni ngodaba lwamaNdiya
MHLELI:Sinenkinga kwelakithi eNingizimu Afrika yokugxekwa uma ukhuluma iqiniso. Akaqambi manga uJulius Malema uma ethi abantu baseKZN baxhashazwa amaNdiya. Lesi sizwana simzonda kabi umuntu ompisholo kungathi kukhona esabadlela khona.
Kuyiqiniso ukuthi iDurban Metro eyamaNdiya yonke imisebenzi yamathenda, awabangiswa muntu. Ngake ngezwa kuthiwa u-80% wemisebenzi ekhishwa umasipala uya emaNdiyeni. Ngeke ngisole uZandile Gumede njengemeya ngoba yinto endala eyayenzeka kusabusa uMlaba (Obed) noJames Nxumalo waqhubeka lapho.
Iyaxaka i-ANC ukuthi ingaphatha kusuka ngo-1994 kuze kube yimanje ayiyilungisile le nkinga. Bonke osopolitiki basebenza ngamaNdiya ukudla imali yomkhandlu. Enye insizwa yathi yilowo nalowo sopolitiki uneNdiya lakhe.
Kwake kwaba nomhlangano kwelinye lamahholo asenyuvesi lapho kwakuzolalelwa khona izikhalo zosomabhizinisi abancane, uDkt Zweli Mkhize owayezovela nomhlahlandlela. Ngiyakutshela, umfo kaKhabazela waphuma kulowo mhlangano ewumuntu ophatheke kabi emva kokuzwa izikhalo zethu. Ngiyakhumbula uMkhize wayezoba nohambo oluya eDubai ngokukahulumeni. UMkhize wathi uyothi angabuya ahlale phezu kukamasipala weTheku. Samgcina ngalelo langa uMkhize, baziqhubekela namaNdiya abo kumasipala. Empeleni akusiye umasipala kuphela onale nkinga. Hamba eminyangweni kahulumeni eMgungundlovu uzoyibona indaba. AmaNdiya ashaya amaphiko kuhulumeni. Uma kwenzekile sathola okuthile kuba yimvuthuluka ewe kuwona.
Akungadlalwa ngoMalema ekhuluma iqiniso elisobala. Laba bantu bayakwazi ukukukhohlisa. Uma kunezikhulu zikahulumeni azenza abantu abahle. Lalela mina ngiyawazi, angiwezwa ngendaba. Ngike ngasebenza nawo.
Zolo loku kade kukhalwa ngawo eVerulam ehlukumeza abantu efemini.
Wema-Afrika kanti siyovuka nini thina emaqandeni? Ngicela nihlukane noMalema. Asikhulumele thina esingenamkhulumeli nammeli. Ngicabanga ukuthi uma ungayivoteli i-EFF usazoqhubeka nokuhlupheka. UMbongeni kade asho kwathiwa akaxolise. Kungani thina kufanele sixolise yize kudlalwa ngathi? I-ANC iyowasusa nini la maNdiya emnyangweni kahulumeni?
Uyobezwa sebethi bazonyusa imali yeqolo uma sebekhankasela ukhetho.
EFF sekusele ngakuwe ukuthi wenzenjani. Thina esifuna kubuye imali yethu esayisebenza kanzima sithembe wena. Sikhathele amadoda azixebulela umkhoma emalini kahulumeni thina silambile
Hlukanani noJulius Malema alikho iphutha alikhulumile. Phambili EFF phambili
phansi ngabadayisi phansi. Okhathazekile KWAWOSIYANE