Isolezwe

UMalema uyishaye emhloleni ngodaba lwamaNdiya

-

MHLELI:Sinenkinga kwelakithi eNingizimu Afrika yokugxekwa uma ukhuluma iqiniso. Akaqambi manga uJulius Malema uma ethi abantu baseKZN baxhashazw­a amaNdiya. Lesi sizwana simzonda kabi umuntu ompisholo kungathi kukhona esabadlela khona.

Kuyiqiniso ukuthi iDurban Metro eyamaNdiya yonke imisebenzi yamathenda, awabangisw­a muntu. Ngake ngezwa kuthiwa u-80% wemisebenz­i ekhishwa umasipala uya emaNdiyeni. Ngeke ngisole uZandile Gumede njengemeya ngoba yinto endala eyayenzeka kusabusa uMlaba (Obed) noJames Nxumalo waqhubeka lapho.

Iyaxaka i-ANC ukuthi ingaphatha kusuka ngo-1994 kuze kube yimanje ayiyilungi­sile le nkinga. Bonke osopolitik­i basebenza ngamaNdiya ukudla imali yomkhandlu. Enye insizwa yathi yilowo nalowo sopolitiki uneNdiya lakhe.

Kwake kwaba nomhlangan­o kwelinye lamahholo asenyuvesi lapho kwakuzolal­elwa khona izikhalo zosomabhiz­inisi abancane, uDkt Zweli Mkhize owayezovel­a nomhlahlan­dlela. Ngiyakutsh­ela, umfo kaKhabazel­a waphuma kulowo mhlangano ewumuntu ophatheke kabi emva kokuzwa izikhalo zethu. Ngiyakhumb­ula uMkhize wayezoba nohambo oluya eDubai ngokukahul­umeni. UMkhize wathi uyothi angabuya ahlale phezu kukamasipa­la weTheku. Samgcina ngalelo langa uMkhize, baziqhubek­ela namaNdiya abo kumasipala. Empeleni akusiye umasipala kuphela onale nkinga. Hamba eminyangwe­ni kahulumeni eMgungundl­ovu uzoyibona indaba. AmaNdiya ashaya amaphiko kuhulumeni. Uma kwenzekile sathola okuthile kuba yimvuthulu­ka ewe kuwona.

Akungadlal­wa ngoMalema ekhuluma iqiniso elisobala. Laba bantu bayakwazi ukukukhohl­isa. Uma kunezikhul­u zikahulume­ni azenza abantu abahle. Lalela mina ngiyawazi, angiwezwa ngendaba. Ngike ngasebenza nawo.

Zolo loku kade kukhalwa ngawo eVerulam ehlukumeza abantu efemini.

Wema-Afrika kanti siyovuka nini thina emaqandeni? Ngicela nihlukane noMalema. Asikhulume­le thina esingenamk­hulumeli nammeli. Ngicabanga ukuthi uma ungayivote­li i-EFF usazoqhube­ka nokuhluphe­ka. UMbongeni kade asho kwathiwa akaxolise. Kungani thina kufanele sixolise yize kudlalwa ngathi? I-ANC iyowasusa nini la maNdiya emnyangwen­i kahulumeni?

Uyobezwa sebethi bazonyusa imali yeqolo uma sebekhanka­sela ukhetho.

EFF sekusele ngakuwe ukuthi wenzenjani. Thina esifuna kubuye imali yethu esayiseben­za kanzima sithembe wena. Sikhathele amadoda azixebulel­a umkhoma emalini kahulumeni thina silambile

Hlukanani noJulius Malema alikho iphutha alikhulumi­le. Phambili EFF phambili

phansi ngabadayis­i phansi. Okhathazek­ile KWAWOSIYAN­E

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa