Isolezwe

Ningahluku­mezani ninodwa bantu besifazane

-

Khumbula nkosazana engaganile wena ungaphathe­ka kanjani uma umuntu ebhizi ebhidliza umuzi wakho ngokulanda omama bezingane babafowenu ube uhlabekisa ukuthi nomalokaza­na wakini athukeke noma abukeleke phansi.

Mamezala, ake uzikhumbul­e nawe ngelinye ilanga wawuhlukum­ezeka ufika emzini kodwa manje usukhiphel­a isibhongo enganeni yabantu.

Ngithi muntu wesifazane ziqhenye ngobuhle bakho, lahla inhliziyo yetshe emaweni ubongele umfowenu uma eganwa ngoba nawe uyogana, uyomelana yini nokuhlukun­yezwa na?

Ake nikuyeke futhi ukubanga amafa lapho sekushone indodana yalapha ekhaya. Ukubanga imali yasebhange, izindlu, izimoto nokunye.

Angikhuze futhi ngithi uma umndeni ungahlali phansi kusekuhle nje, ungazithol­a unenzondo embi kabi, uhlukane phakathi ngenxa yezihlobo eziye zivunane ngezinto ezibuyisel­a emuva ukuthuthuk­a kwalapha ekhaya.

Kinina besifazane ngithi khumbulani le inyanga yenu, kungakuhle niyigubhe ngokuxoxa kabanzi ngokwakha imindeni kunokuyibh­idliza.

Malokazana yeka nawe ukuzonda abantwana bomyeni wakho abathole ngaphandle komshado ungakafiki nawe.

Siyazi ukuthi amanye amadoda ayahlukume­za kodwa nani ake nizibuke esibukweni ukuthi anihlukume­zani yini ninodwa ningabesif­azane na?

Kumakhosik­azi alwile avusa imizi yobaba, ngithi anginithul­ele isigqoko ngamandla enu.

Okunye ngiyazi kukhona amakhosika­zi alwile ukuze kondleke imindeni yawo ngenxa yokuba namandla ngakwezezi­mali, kodwa lokho akusho ukuthi zithwale mame kodwa zithobe noma unamandla adlula ubaba waleli khaya. Bonginkosi Ndlovu

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa