Ningahlukumezani ninodwa bantu besifazane
Khumbula nkosazana engaganile wena ungaphatheka kanjani uma umuntu ebhizi ebhidliza umuzi wakho ngokulanda omama bezingane babafowenu ube uhlabekisa ukuthi nomalokazana wakini athukeke noma abukeleke phansi.
Mamezala, ake uzikhumbule nawe ngelinye ilanga wawuhlukumezeka ufika emzini kodwa manje usukhiphela isibhongo enganeni yabantu.
Ngithi muntu wesifazane ziqhenye ngobuhle bakho, lahla inhliziyo yetshe emaweni ubongele umfowenu uma eganwa ngoba nawe uyogana, uyomelana yini nokuhlukunyezwa na?
Ake nikuyeke futhi ukubanga amafa lapho sekushone indodana yalapha ekhaya. Ukubanga imali yasebhange, izindlu, izimoto nokunye.
Angikhuze futhi ngithi uma umndeni ungahlali phansi kusekuhle nje, ungazithola unenzondo embi kabi, uhlukane phakathi ngenxa yezihlobo eziye zivunane ngezinto ezibuyisela emuva ukuthuthuka kwalapha ekhaya.
Kinina besifazane ngithi khumbulani le inyanga yenu, kungakuhle niyigubhe ngokuxoxa kabanzi ngokwakha imindeni kunokuyibhidliza.
Malokazana yeka nawe ukuzonda abantwana bomyeni wakho abathole ngaphandle komshado ungakafiki nawe.
Siyazi ukuthi amanye amadoda ayahlukumeza kodwa nani ake nizibuke esibukweni ukuthi anihlukumezani yini ninodwa ningabesifazane na?
Kumakhosikazi alwile avusa imizi yobaba, ngithi anginithulele isigqoko ngamandla enu.
Okunye ngiyazi kukhona amakhosikazi alwile ukuze kondleke imindeni yawo ngenxa yokuba namandla ngakwezezimali, kodwa lokho akusho ukuthi zithwale mame kodwa zithobe noma unamandla adlula ubaba waleli khaya. Bonginkosi Ndlovu