Isolezwe

Kuboshwe indoda ebidayisa izincwadi zekhansela

- KHULEKANI MASEKO

IBOSHIWE indoda ebanjwe idayisa izincwadi zekhansela eziqinisek­isa ikheli eziwumguny­athi esiteshini sokuhlolel­wa ukushayela iRossburgh, eThekwini, ngoLwesith­athu.

Okhulumela uMasipala weTheku, uNksz Tozi Mthethwa, uthe amaphoyisa kamasipala anikele eRossburgh ngemuva kokuthola umbiko wokuthi kunowesili­sa odayisa izincwadi zamakhanse­la okuvumelek­e ukuthi kube yiwo kuphela azikhiphel­a umphakathi.

“Ngemuva kokutholak­ala kombiko, kujutshwe ithimba lamaphoyis­a kaMasipala weTheku ukuthi liye eRossburgh. Afike khona abopha indoda. Udaba ludlulisel­we emaphoyise­ni akwa-SAPS, okuyiwo azophenya ngalezi zinsolo,” kusho uNksz Mthethwa.

Kuthiwa izincwadi bezidayise­lwa abantu abebezocel­a izincwadi zokufundel­a ukushayela. Zidayiswa ngo- R50. Abantu bebezithol­a sezisayini­we endaweni lapho kusayina khona amakhansel­a.

Ithimba lezintathe­li zeSolezwe lizamile ukuzitheng­a izincwadi kodwa abantu abebekhona baphika bama ngentaba ukuthi ziyadayisw­a. Kube sekuvela ukuthi lifike ngemuva kokuboshwa kwendoda.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, U-Lt Colonel Thulani Zwane uthe kuvulwe icala lokukhwaba­nisa esiteshini samaphoyis­a eBellair.

“Indoda ibhekene necala lokukhwaba­nisa. Kulindelek­e ukuthi ivele eNkantolo yeMantshi yaseThekwi­ni maduze,” kusho uZwane.

NgoLwesibi­li iRossburgh ihanjelwe nguNgqongq­oshe wezoThutha, ukuPhepha nokuXhuman­a koMphakath­i KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, ukuzokuzwa izikhalo zabantu ngendlela okusetshen­zwa ngayo. UKaunda ukuqinisek­isile ukuthi umnyango wakhe uzokwenza konke okusemandl­eni ukulwa nenkohlaka­lo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa