Umfundi unyamalale kade esemcimbini womngani
UMFUNDI wase-University of Zululand (Ongoye) obekade ezijabulisa emcimbini womngani eSikhaleni ugcine enyamalele ngeSonto entathakusa.
ULethukuthula Ngobese (21) waseNewcastle, obenza unyaka wesithathu ezifundweni zomthetho, kuthiwa ubekade engomunye wabafundi abebehalalisela umngani wabo osanda kuphothula izifundo.
Unina kaLethukuthula, uNksz Khanyisile Khumalo, uthe umcimbi womngani wesilisa waqala ngoMgqibelo ebusuku, indodakazi yakhe yanyamalala ngezithuba zabo-3 entathakusa ngeSonto.
“Ngeke ngikwazi okuningi ngoba ngangingekho emcimbini. Abangani bakhe bathe wayelokhu ethi usefuna ukuhamba abuyele enyuvesi. Bamnqabela ngoba kwase kusebusuku. Bathe imoto ababefike ngayo yayisihambile, yingakho bamnqabela ukuthi ahambe yedwa ngoba kwase kusebusuku kakhulu. Kuthe bengasanakile babona esenyamalele, akekho owambona ukuthi wahamba kanjani,” kusho uNksz Khumalo.
Uthe kube nzima nokuzama ukuxhumana noLethukuthula ngoba ucingo lwasala kubangani bakhe. Akwaziwa ukuthi yini abeseyijahile enyuvesi ngoba abanye abangani babesasele emcimbini.
UNksz Khumalo uthe indodakazi yakhe ayikaze inyamalale ingashongo ekhaya, yingakho bebikele namaphoyisa ngokuduka kwayo. Omunye wabangani bakaLethukuthula okuthiwa wayekhona emcimbini, wenqabile ukuphawula.
Sekungokwesibili kunyamalala umfundi wasifazane Ongoye. NgoJuni 5 kwanyamalala uNksz Mbali Gumede (23) wakwaDlangezwa.
UNksz Gumede, owayesanda kuphothula izifundo zeCorrectional Studies, kuthiwa wayecela ukugitshezwa ezimotweni ezizomyisa esikoleni ngesikhathi enyamalala. Kuthiwa wayeyolungisa okuthize ukuze akwazi ukufaka isicelo somsebenzi awufundele.
ULieutenant-Colonel Thulani Zwane, okhulumela amaphoyisa esifundazweni, ukuqinisekisile ukunyamalala kwabafundi, okungakatholakali mkhondo ngabo.
UZwane uthe onolwazi ngokunyamalala kwabo angaxhumana namaphoyisa aseMthunzini ku-035 340 1633 noma ashayele inombolo okubikwa kuyo ubugebengu ku-08600 10111.