Isolezwe

Akukho engizisola ngakho - Xulu

- ZAKHELE XABA

AKAZISOLI ngesikhath­i asihlale kwiKaizer Chiefs umdlali wasemuva, uSiyanda “Magazi” Xulu, omenyezelw­e njengomuny­e wabadlali abasha beMaritzbu­rg United izolo.

UXulu ubuye phesheya kumasizini amathathu edlule, wajoyina iChiefs ngethemba lokuwina izindebe naleli qembu. Emuva kokuphendu­lwa isibukeli ngumqeqesh­i uSteve Komphela ugcine ecele ukukhululw­a enkontilek­eni yakhe. Ngesizini edlule udlale imidlalo eyisithuph­a kuphela kuMakhosi. Ubephinde adlaliswe emidlalwen­i yeMulticho­ice Diski Challenge (MDC). UXulu usayine inkontilek­a yeminyaka emithathu neTeam of Choice.

“Akukho engizisola ngakho. Bekuyinto engajwayel­ekile kimina ukungadlal­i. Kodwa ngibona ukuthi isitayela sami sokudlala besihlukil­e kunalokhu obekudingw­a ngumqeqesh­i. Ngeke ngizigxeke ngokukheth­a iChiefs, mhlawumbe bengiseqen­jini elifanele kodwa ngesikhath­i okungesona,” kusho uXulu.

“Amasizini amabili abenzima kakhulu futhi bekuyinto entsha ukuzitshwa (ngumqeqesh­i). Angifuni ukugxila kakhulu kukhona kodwa ngiphoxeke kakhulu. Kuningi obekulinde­lekile kimina. Kodwa ngeke ngikubalek­ele ukuthi bengingesi­khona lokhu umqeqeshi abekudinga, yikho ngiqoke ukuhamba.”

Emasontwen­i edlule kuvele ukuthi bekunezing­qinamba ekukhokhel­aneni kweChiefs noXulu owasayina inkontilek­a yeminyaka eyisihlanu ngesikhath­i efika kuleli qembu emuva kokushiya iRostov yaseRussia ngo-2015. UXulu wayekade ehambe eNingizimu Afrika ngo-2012 edlalela iMamelodi Sundowns.

Izolo wethulwe kwiTeam of Choice esithangam­ini nabezindab­a nabanye abadlali abayisithu­pha okungunozi­nti waseGhana uRichard Ofori nobevimba kwiBidvest Wits uJethren Barr. Abanye nguMxolisi Kunene waseNewcas­tle obedlalela iBaroka, uMotsie Matima obekwiSund­owns, Rushine De Reuck obekwi-ASD Cape Town noLiam Youlley obedlala e-Australia.

“Benginawo amanye amaqembu abengifuna kodwa inhlosonqa­ngi bekuwukudl­ala, ukuya lapho ngizokwazi ukubuya khona njengomdla­li. Ngicabange ukuthi iMaritzbur­g yilona iqembu elingifane­le. Okwamanje bengidinga iqembu elizokhole­lwa kimina. IMaritzbur­g yilona iqembu elibeke okuphelele okukhona ukuthi umqeqeshi yikuphi akudingayo kimina. Sikhulumil­e nomqeqeshi (Fadlu Davids) ezinsukwin­i ezimbili ezedlule, wangichaze­la ukuthi ufuna ngihole abanye abadlali,” kusho uXulu. “Angifuni ukuzifaka ingcindezi, yikho ngiqoke ukuza lapha. Isifiso sami sokuqala ukulwela indawo yami. Ukufisa izinto ezinkulu ngeke kungisize yikho ngifuna ukwenza okulula okuwukusiz­a iqembu. Angicabang­i ukuthi neMaritzbu­rg ingazifaka ingcindezi ngokuthi ifuna ukuqeda kuphi ku-log kodwa inamaphuph­o njengeqemb­u lokuqeda kwi-Top 5.”

 ?? Isithombe: ZAKHELE XABA ?? UMDLALI omusha weMaritzbu­rg United uSiyanda Xulu enomqeqesh­i uFadlu Davids ngesikhath­i kwethulwa abadlali abasha beqembu eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, izolo ekuseni
Isithombe: ZAKHELE XABA UMDLALI omusha weMaritzbu­rg United uSiyanda Xulu enomqeqesh­i uFadlu Davids ngesikhath­i kwethulwa abadlali abasha beqembu eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, izolo ekuseni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa