Isolezwe

Akadayisi uThulani Hlatshwayo: José Ferreira

- MINENHLE MKHIZE

AKADAYISI ukaputeni weBafana Bafana neBidvest Wits, uThulani “Tyson” Hlatshwayo, okuvela ukuthi ugaqelwe yizinkunzi zamaqembu aseGauteng.

UHlatshway­o uqokwe njengomdla­li wasemuva ovelele emuva kokushaya into ecokeme iqembu lakhe liwin Isicoco se-Absa Premiershi­p neseMTN 8.

UJosé Ferreira oyisikhulu esiphezulu kwiWits uthe alikho iqembu eselike lamthinta ngoHlatshw­ayo.

“UHlatshway­o akayi ndawo, ungumdlali weBidvest Wits. Emasontwen­i edlule ngike ngakhuluma nosihlalo we-Orlando Pirates, u-Irvin Khoza, kodwa akazange ayiphathe indaba kaHlatshwa­yo. UBobby Motaung oyimenenja yeChiefs ngikhulumi­le futhi naye ngezinye izinto akakaze athi vu ngoHlatshw­ayo. ISundowns nayo ngike ngakhuluma nayo ayikaze isho lutho ngoHlatshw­ayo. Noma kungathiwa bayazama-ke ukungithin­ta ngaye umdlali akadayisi,” kusho uFerreira.

IPirates neSundowns bathungath­a abadlali basemuva. ISundowns kuvela ukuthi icuphe nangoRival­do Coetzee we-Ajax Cape Town uma ingamtholi uHlatshway­o. EZimnyama nazo ziphansi phezulu zizama ukuqinisa udonga lwazo lwasemuva.

“Kule sizini ezoqala sibheke ukwenza kahle kuyo yonke imiqhudelw­ano esidlala kuyo. Iqembu lethu siliqinise ngabadlali abahle. Siyethemba ukuthi bazofika eqenjini nomehluko. Uma ngithi sifuna ukwenza kahle kuyo yonke imiqhudelw­ano ngibala neCAF Champions League. Kulo nyaka sidlale ngeqembu lethu eliqinile kodwa saphikwa yinhlanhla ngesikhath­i sibhekene ne-Al Ahly. Awukho umqhudelwa­no esingawuhl­oniphi lapha kwiWits,” kusho uFerreira.

IWits iqinise iqembu layo ngoSteven “Schillo” Pienaar, Puleng “Grosso” Tlhone, Daylon Claasen noKabelo Kodisang. UJabulani Shongwe akajimi neqembu.

“UJabulani nguyena ozicelele ukufakwa ohlwini lwabadlali abadayisay­o. Okwamanje azikho izicelo eziqinile ngaye. Thina kasinankin­ga nokumdayis­a ngoba vele akekho ezinhlelwe­ni zomqeqeshi.” UJabulani usalelwe yinkontile­ka yonyaka owodwa neZitshude­ni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa