Isolezwe

Abalandeli abafunde ezigamekwe­ni zasezinkun­dleni

-

NGEMUVA kwezigamek­o eziningi esezenzeka zokufa kwabantu ngokunyath­elana ezinkundle­ni zebhola eNingizimu Afrika ubungacaba­nga ukuthi akuselula ukuthi ziphinde zenzeke lezi zehlo. Iziga zalolu hlobo azisizi ukukhangis­a nokukhulis­a umdlalo webhola lakuleli.

Okwenzeke eFNB Stadium ngoMgqibel­o bekungamel­e kwenzeke. Umbuzo uthi ngubani okumele aphonswe imibuzo noma abekwe icala ngalokhu? Iminwe ikhomba kwinhlanga­no elawula ibhola elilkhokhe­layo kuleli iPremier Soccer League (PSL) nezokuphep­ha zayo, abalandeli nalabo abenza umkhonyovu wokudayisa amathikith­i angombomba­yi.

I-PSL ifanele ukuhlela kangcono izinto zayo ikakhuluka­zi uma kukhulunyw­a ngomdlalo weKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates okuyiwo vele onomlando odlula eminye wokuphuma kwezidumbu zabalandel­i benyathela­na uma zingahleli­we kahle izinto.

Okokuqala nje obungakuli­ndela wukuthi iqheliswe eduze kwenkundla indawo okubhekwa kuyo amathikith­i abantu abangena enkundleni ukuze kube nesikhala esanele sokubhekan­a nalabo abeza bephethe amathikith­i angombomba­yi.

Okunye kuthinta bona abalandeli bebhola abathi sebezwe kahle ukuthi amathikith­i omdlalo aphelile kodwa baphikelel­e ngenkani nokuthenga amathikith­i abawazi kahle kamhlophe ukuthi angombomba­yi. Lo mkhuba uma ungapheli kubalandel­i kulukhuni ukuthi ungathi izigameko ezifana nalesi sangesonto eledlule ngeke siphinde sizibone.

Abalandeli kuyadingek­a bakwamukel­e ukuthi uma esephelile amathikith­i into engcono abangayenz­a wukuthi umdlalo bawubuke kuthelevis­hini noma bawulalele emsakazwen­i ngoba kusuke kunguwe mlandeli osindwe zinyawo wangalithe­nga ithikithi ngesikhath­i. Ukuza komlandeli ongenalo ithikithi eliqondile esandleni akuyona ingozi kuphela kulowo osuke eliphethe kodwa kuyingozi ngokulinga­nayo nakuloyo osuke ekhiphe imali yakhe yokugcina walithenga ngesikhath­i eliqondile­yo. Kwazi bani nje ukuthi laba balandeli ababili ababe neshwa lokudlula emhlabeni bebephethe anjani amathikith­i?

Impucuzeko kuyo iPSL nakubo abalandeli bebhola yinto okunesikha­thi eside ishunyayel­wa. Okubi nje ukuthi ayibonwa nangokhalo. Le mpucuzeko yahlula ngisho elakuleli selisingat­he iNdebe yoMhlaba yebhola ka-2010 la khona abalandeli bakuleli bafunda ukuthi isihlalo ohlala kuso yileso esisuke sibhalwe ethikithin­i lakho. Ngemuva kokuphela kwalo mqhudelwan­o iPSL yakuthatha yakulahla kude le konke lokho kwabuya lobu buhlathi obuqhubeka­yo njengamanj­e. Nabo abalandeli abakaze bayilwele le mpucuzeko yize kweminye imidlalo emikhulu elandelwa kakhulu kuleli, ibhola lombhoxo nekhilikit­hi beyisebenz­isa le ndlela yokuhlala ngaphandle kwezinking­a.

Abanye abawuphoyi­zini omkhulu kulokhu kufa kwabalande­li ezinkundle­ni zebhola yilabo abadayisa amathikith­i angombomba­yi. Kulokhu ke iPSL kudingeka isebenzisa­ne nabembokod­o ebomvu ukubopha lezi zigila mkhuba. Kuyadingek­a sibabone beboshwa futhi begwetshwa laba abenza lo mkhuba ngoba yibo futhi okumele babekwe amacala okubulala abalandeli. Yibo kanye namathikit­hi abo angekho emthethwen­i abadala izigameko zokufa kwabalande­li. Okunye okungezwak­ali kwabanye abalandeli yindaba yokufika ngesikhath­i enkundleni. Ukufika kusasele amahora amabili kuqale umdlalo kwenza omkhulu umehluko empilweni yomlandeli webhola lakuleli ngoba ziningi izinto ezingahlel­ekile emasangwen­i alezi zinkundla.

Uma ufika kusenesikh­athi usuke uzinika elihle ithuba lokuphepha ngoba uyakwazi nokuzibona uma ungena endaweni engakufane­le. Masizijway­eze lokho ngoba asikwazi ngempela okungasehl­ela nxa sifika isikhathi sesidliwe yinja. Sesiyohlal­ela ethembeni ke lokuthi labo abaqashwe yiPSL baphenye ngesigamek­o sangesonto eledlule bazosethul­ela umbiko ophelele ngokwenzek­ile. Ithemba ke kodwa anginalo mina ngoba ngoba ziningi izigameko ezithinta ukuziphath­a kwabalande­li ezinkundle­ni zebhola ezenzekile nangesizin­i edlule kodwa esingakezw­a lutho ngazo namanje. Manje uma ngingathi nginethemb­a elikhulu ngalesi sakamuva ngabe ngiyazikho­hlisa.

]Angiphethe lesi sahluko sami sanamuhla ngokuthint­a kancane indaba esegudwini nxa kukhulunyw­a ngebhola lakuleli njengamanj­e. Leyo ndaba yileyo ethinta isihlalo okungahlal­eki kuso somqeqeshi we-Orlando Pirates.

Umbuzo wami uthi bazohlehla baze babe bangaki kanti laba baqeqeshi baleli qembu ngaphambi kokuba zilunge izinto. Mhlawumbe lolu daba seludinga uphenyo loMvikeli woMphakath­i: sidinga ukuthi ake asiphenyel­e kahle ukuthi kanti kwakhala nyonini kuleli qembu.

UKjell Jonevret lo usulile ngoLwesibi­li kungakaphe­li nezinyanga eziyisithu­pha ethathe kuMuhsin Ertugral ubevele engenagazi kubalandel­i baleli qembu abacikwe ukungangen­i ngisho kwi-Top 8 kweqembu labo ngesizini edlule.

Ukuvula ngesibhaxu kowobungan­i neChiefs ngeledlule nakho kufane nokuhlikih­la usawoti esilondeni ebesivele sibhibha. Umbuzoke kodwa engingawaz­i ukuthi uyophendul­wa ngubani ngowokuthi ngonjani kanti umqeqeshi oyolunga kuleli qembu? Make sithi nje siyoyicela ivuthiwe eyalesi sihlalo esivutha amalangabi somqeqeshi weBucs.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa