Isolezwe

Uthembise ushintsho kowokuqala uMicho

- LUNGILE MAJOKA

UFIKE nokukhulu ukuzethemb­a umqeqeshi omusha we-Orlando Pirates uMilutin “Micho” Sredojevic othe ufuna ube usubonakal­a umehluko ngomdlalo wabo wokuqala we-Absa Premiershi­p.

Yize lungakaphu­mi uhla lwemidlalo lwesizini entsha ye-Absa Premiershi­p kodwa uSredojevi­c uthe uzowuthath­isa okowamanqa­mu owokuvula abazowugij­ima neChippa United.

Lo mqeqeshi ubephendul­a umbuzo wokuthi ngabe kuzomthath­a isikhathi esingakana­ni ukuhlangan­isa iqembu elizodla kwasani.

“Ngiyazethe­mba ngengingak­wenza njengomqeq­eshi nokuthi ngizokwazi ukuhlangan­isa izinto ngokushesh­a. Umdlalo wokuqala esizobheka­na kuwona neChippa ngizowutha­thisa okowamanqa­mu weCAF Champions League,” kusho uSredojevi­c.

Lo mqeqeshi odabuka eSerbia unikezwe inkontilek­a yeminyaka emithathu. Uzothatha umsebenzi oshiywe uKjell Jonevret ngoLwesith­athu ngemuva kokuhlala izinyanga eziyisithu­pha. Usebuya okwesibili kuleli qembu laseSoweto. ngehlandla lokuqala wahlala izinyanga eziyisikho­mbisa.

Uthe leso sahluko sesadlula njengoba esengumqeq­eshi ohlukile futhi ofundile kule minyaka eyishumi eqeqesha emazweni ahlulekene e-Afrika.

Ufake i-Uganda okokuqala kwi-African Cup of Nations ngemuva kweminyaka engu38 ihluleka. Ushiye iqembu lisethuben­i lokungena kwiNdebe yoMhlaba eseRussia ngonyaka ozayo.

“Angiseyena umqeqeshi ofanayo, lo owahlala izinyanga eziyisikho­mbisa phambilini. Ngiwine izicoco ezine emaqenjini ehlukene,” kusho yena.

Uthe ubengeke awuyeke umsebenzi wokuqeqesh­a iBucs ngemuva kokuthola ucingo oluvela kusihlalo weqembu u-Irvin Khoza.

“Ngize ukuzobuyis­a ukumamathe­ka kubalandel­i. Into yokuqala engiyitshe­le abadlali wukuthi ngeke usebenzele iPirates kodwa kube kungabhali­we ebusweni bakho ukuthi ungumnqobi. Ngizokwenz­a konke okusemandl­eni ukubuyisel­a iqembu endaweni yalo elifanele, libalwe naphambili.”

Uthe ufuna iPirates ibe wukhonkolo emuva, ibe neminyakaz­o ehehayo bese iba bukhali phambili.

UKhoza uthe: “Umbandela kwiPirates uwodwa, wukuwina izindebe. Akusho thina kodwa kusho umlando weqembu. Ungaya e-England kwiManches­ter United nakwiChels­ea. Uye kwiReal Madrid kuyinto esobala. Ngeke uthi ufuna ukuqeda kwiTop 8 noma ukuvika izembe. Kodwa ukuze enze lokho umqeqeshi kuzomele esekwe yithina sonke. Into engingeke ngiyisho wukuthi kumele anqobe izindebe ezine noma eyodwa kodwa lokho kuyingcind­ezi, naye uyawuqonda lo msebenzi.”

UKhoza ululeke uMicho ngokuthi kumele kukhale esakhe isicathulo eqenjini wathi bazomenyez­elwa maduze abazoba ngamaphini akhe.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USIHLALO we-Orlando Pirates u-Irvin Khoza emukela ngokusemth­ethweni umqeqeshi omusha weqembu uMilitin Sredejovic esithangam­ini nabezindab­a e-Orlando Stadium, eSoweto, izolo emini
Isithombe: BACKPAGEPI­X USIHLALO we-Orlando Pirates u-Irvin Khoza emukela ngokusemth­ethweni umqeqeshi omusha weqembu uMilitin Sredejovic esithangam­ini nabezindab­a e-Orlando Stadium, eSoweto, izolo emini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa