Akadayisi uThulani Hlatshwayo: José Ferreira
AKADAYISI ukaputeni weBafana Bafana neBidvest Wits, uThulani “Tyson” Hlatshwayo, okuvela ukuthi ugaqelwe yizinkunzi zamaqembu aseGauteng.
UHlatshwayo uqokwe njengomdlali wasemuva ovelele emuva kokushaya into ecokeme iqembu lakhe liwin Isicoco se-Absa Premiership neseMTN 8.
UJosé Ferreira oyisikhulu esiphezulu kwiWits uthe alikho iqembu eselike lamthinta ngoHlatshwayo.
“UHlatshwayo akayi ndawo, ungumdlali weBidvest Wits. Emasontweni edlule ngike ngakhuluma nosihlalo we-Orlando Pirates, u-Irvin Khoza, kodwa akazange ayiphathe indaba kaHlatshwayo. UBobby Motaung oyimenenja yeChiefs ngikhulumile futhi naye ngezinye izinto akakaze athi vu ngoHlatshwayo. ISundowns nayo ngike ngakhuluma nayo ayikaze isho lutho ngoHlatshwayo. Noma kungathiwa bayazama-ke ukungithinta ngaye umdlali akadayisi,” kusho uFerreira.
IPirates neSundowns bathungatha abadlali basemuva. ISundowns kuvela ukuthi icuphe nangoRivaldo Coetzee we-Ajax Cape Town uma ingamtholi uHlatshwayo. EZimnyama nazo ziphansi phezulu zizama ukuqinisa udonga lwazo lwasemuva.
“Kule sizini ezoqala sibheke ukwenza kahle kuyo yonke imiqhudelwano esidlala kuyo. Iqembu lethu siliqinise ngabadlali abahle. Siyethemba ukuthi bazofika eqenjini nomehluko. Uma ngithi sifuna ukwenza kahle kuyo yonke imiqhudelwano ngibala neCAF Champions League. Kulo nyaka sidlale ngeqembu lethu eliqinile kodwa saphikwa yinhlanhla ngesikhathi sibhekene ne-Al Ahly. Awukho umqhudelwano esingawuhloniphi lapha kwiWits,” kusho uFerreira.
IWits iqinise iqembu layo ngoSteven “Schillo” Pienaar, Puleng “Grosso” Tlhone, Daylon Claasen noKabelo Kodisang. UJabulani Shongwe akajimi neqembu.
“UJabulani nguyena ozicelele ukufakwa ohlwini lwabadlali abadayisayo. Okwamanje azikho izicelo eziqinile ngaye. Thina kasinankinga nokumdayisa ngoba vele akekho ezinhlelweni zomqeqeshi.” UJabulani usalelwe yinkontileka yonyaka owodwa neZitshudeni.