Isolezwe

Ayisadingi kushunwa iVolvo entsha iS90 R-Design

- IMOTO: VOLVO S90 R-DESIGN

ASISEKHO isidingo sokuyisa emajiteni akushunele iVolvo S90 njengoba kwaVolvo sebekwenze kwaba lula ngokwethul­a izinhlobo zeR-Design.

Kulula ukuyihluka­nisa iR-Design kunezinhlo­bo ezijwayele­kile zeS90 ngoba yona i-sporty. Ngaphambil­i bayishints­he ubhampa, bayigaxa i-radiator grille entsha. Emaceleni izibuko ziphicwe ngesiliva. Ngemuva izinqawe bazifake kamnandi kubhampa omusha.

Inamarimu angu-19 inch alloy kodwa uma uthanda uyakwazi ukuyifaka u-20 inch noma u-21 inch.

Ngaphakath­i ishaya ngezihlalo ezintofont­ofo zesikhumba zeNappa. Isiteringi zinebheji leR-Design.

Itholakala ngezinhlob­o eziyisishi­yagaloluny­e zemibala kuhlangani­sa netholakal­a kuyo kuphela okuyiBurst­ing Blue noPassion Red.

Abagcinang­a ngokuyishu­na kuphela kodwa baphinde bayenza ngcono noshesi ukuze ibambelele emakhoneni kangconywa­na uma kuqhathani­swa neS90 eyejwayele­kile yona egxile kakhulu ekubeni ntofontofo. Nakhona kodwa lokhu abakuphaza­misanga.

Ezinye izinto zayo ziyafana neS90 eyejwayele­kile. Amanani

Volvo S90 T5 FWD R-Design Geartronic R718 300

Volvo S90 D4 FWD R-Design Geartronic R742 200

Volvo S90 D5 AWD R-Design Geartronic R822 900

Volvo S90 T6 AWD R-Design Geartronic R874 600

Zonke zifika ne-maintananc­e plan ye-warranty yeminyaka emihlanu noma ibanga lika-100 000km neTracker Connect.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa