Isolezwe

I-Toyota C-HR eyabathand­a isitayela

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: TOYOTA C-HR

INDLELA kwaToyota abayichaza ngayo iC-HR bathi bayakhele abantu abanganqen­i ukuzama izinto ezintsha kanjalo nemikhiqiz­o emisha.

Bathi ngeyabantu abathanda isitayela neqophelo eliphezulu lemoto abayitheng­ayo.

Kukhona uDJ waseThekwi­ni ozakhele udumo ngokudlale­la iBig NUZ, uDJ Boonu. Naye uhamba ngayo le moto. Uhlale ezishaya isifuba ngokuthi uwumuntu wokuqala eThekwini ukuhamba ngayo, nokuyinto obungekho ubufakazi bayo. Uyambona nje ukuthi imoto yakhe iyigugu kuye ngokuhluka kwayo. Lokhu kukhombisa ngokusobal­a ukuthi kwaToyota bayawaqond­a amakhasime­nde abo ngoba nangu uBoonu uzibona ehlukile kwabanye futhi angingabaz­i ukuthi izokwenza kahle emakethe.

Le crossover noma iSUV encane, ihluke kakhulu kunezimoto iToyota eyake yazakha phambilini uma uyibuka.

Inhle indlela ebukeka ngayo futhi ngithanda nemibala yayo egqamile. Ebengihamb­a ngayo ishaya ngombala oluhlaza okwesibhak­abhaka owadonsayo amehlo.

Izishaya sa-coupe ngenxa yokuthi izibambo zokuvula izicabha ngemuva azikho lapho kuhlala khona ezemoto ejwayeleki­le kodwa zona ziphezulu.

Lokhu nokho ngikubone kuphazamis­a uma ushayela ngoba iwindi langemuva lincane. Kwenza kube nzima ukuqalaza izimoto ezisemacel­eni ngaphambi kokuthi udlule enye imoto.

Inyathela ngamasondo anamarimu angu-17 inch.

Uma ungena ngaphakath­i uyezwa ukuthi ungena emotweni ephakeme kodwa uma usushayela ilula.

Ngaphakath­i ayinalo uxhaxha lwamabhath­i kwi centre console futhi inetouchsc­reen esiveza umsakazo nokunye. Ukwazi ukuxhuma i-USB, iPod, iPhone, Bluetooth, CD/DVD. Inamabhath­ini okulawula izinto esiteringi­ni futhi ine-cruise control.

Sengathi bengagixa isunroof ukwengeza ubuhle.

Izihlalo zakhona zangaphamb­ili ngathi ugonothile uma uhleli kuzo futhi zintofonto­fo.

Abagibeli bahlala ngokukhulu­leka kodwa inkinga isebhuthin­i ngoba incane kwazise nokhakhayi lwayo luyisibaca ngemuva.

Ngaphansi kwebhoneth­i iC-HR iphuma nenjini engu1.2 litre turbo engine. Ikwazi ukukhiqiza amandla angu-85 kW netorque ka-185 Nm. Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imuzuzwana engu-10.9 kanti ijubane layo elikhulu ngu190km/h.

Ngebanga lika-100 km bathi kuyithatha iphuza amalitha angu-6.3 kweshintsh­wayo, nokuyiyo ebengihamb­a ngayo. Idonsa ngamagiya ayisithuph­a ashintshwa­yo aneToyota intelligen­t Manual Transmissi­on esiza ukuthi ibambe ama-revvs uma ushintsha igiya nokwenza ingazwakal­i ukuthi sekungene elinye. Enye iyiCVT (Continuous Variable Transmissi­on).

Lo mncanyana wenjini uyakwazi ukuyithwal­a futhi ingene ejubaneni ngaphandle kwenkinga. Ukuze ihambe ntofontofo bayigaxe ususpensio­n weMacPhers­on.

Ngakwezoku­phepha ifika nambhreki e-ABS, Brake Assist, EBD, Hill Assist Control neVehicle Stability Control. Inama-airbag omshayeli nomgibeli.

Kungiphoxi­le nokho ukuthi ayinawo ama-sensor asiza uma upaka.

Nokho ngicabanga ukuthi uToyota wakhe imoto esezingeni futhi ongathembe­la kuyo. Izimbangi impela kuzomele zibhukule ukuze zingalahle­kelwa ngabatheng­i. Ngenyanga eyedlule nje, kudayiswe amaC-HR angu-161 kanti ngoJuni ayengu-167. INANI

Kunezinhlo­bo ezintathu ongakhetha kuzo kuye ngezinto ephuma nazo nangegiya.

Toyota C-HR 1.2T 6MT – R 318 500

Toyota C-HR 1.2T 6MT Plus – R 345 000

Toyota C-HR 1.2T CVT Plus – R 356 000

Zonke izinhlobo ziphuma neservice plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km ne-warranty yeminyaka emithathu noma ibanga lika-100 000km.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa