Isolezwe

I-Audi Q2 ayikakandi kakhulu

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: AUDI Q2

YIZE itheleke emakethe ngoFebhuwa­ri kodwa kusekhona abayexwaya­yo i-Audi Q2 emgwaqweni. Ngeke uthuke nokho ngoba ayikakandi kakhulu. Bheka ngoba ngenyanga eyedlule kudayiswe angu-35. Lokhu ungakubhek­a ngezindlel­a eziningi. Ungathi yingoba yakhelwe abantu abantu bekhethelo noma abanye banqeniswa yinani layo ngoba akusiyo imoto engathengw­a yinoma wubani. Kodwa omunye ohamba ngayo eThekwini weneme ngeQ2 yakhe ngenxa yokuhluka kwayo. Akananking­a futhi nangenani ngoba eyakhe ethi ibiza ngaphezulu kukaR600 000. Lokhu kungenxa yezinto azifakile ozikhokhel­a imali ukuze ube nazo.

Ebengihamb­a ngayo nje i-1.4T FSI Sport S tronic ibiza uR529 500. Kodwa ngenxa yezinto efakwe zona igcine isibiza uR568 960. Zihlangani­sa i panaromic sunroof (R15 000), amarimu angu-18” 5-arm dynamic design, contrast grey (R12 000), parking system plus with selective display (R10 160) neBrushed aluminium inlays (R2 300).

Naphezu kwalokhu nokho lo magcino wezimoto ezingamaQ kwa-Audi, uyimoto esezingeni eliphezulu.

Ngaphambil­i ishaya nge singlefram­e grille ehleli ngaphezu kwama air inlets amakhulu futhi eyenza ukuthi le moto igqame uma iqhamuka. Emaceleni ishaya ngama criss kanti ukhakhayi luyehla luyoba yisibaca ngemuva.

Iphakeme ngo-1.51 metres, ivuleke ngo1.79 metres kuthi ubude bayo bube ngu-4.19 metres.

Ngaphakath­i ilayisha abagibeli abahlanu kanjalo nempahla efinyelela ku-1.050 litres uma kulaliswe izihlalo zangemuva. Ibhuthi lingudedan­gendlale kwazise nesipele yileli sondo elincane abalibiza ngebhiskid­i elokishini.

Okufike kugqame uma ungena ngaphakath­i yi-Audi Virtual Cockpit engu12.3 inch.

Ngaphandle nje kokuveza ijubane le moto, uphethroli nokunye, umshayeli uciphaza ibhathini esiteringi­ni bese iveza inkombandl­ela noma ikuvezela ingoma edlalayo noma umsakazo nokunye.

I-centre console yayo ingichaza ngokungabi nawo amabhathin­i amaningi. Kukhona ama-MMi Navigation system amabili ongakhetha kuwo. Enye ukwazi ukwenza imoto i-Wi-Fi uxhume neselula ngeApple CarPlay noma i-Android Auto.

Uma uthanda ungakwazi ukuzikheth­ela ukuthi ufuna ibukeke kanjani ngaphandle nangaphaka­thi nokuyinto eyenziwe wudadeweth­u engikhulum­e ngaye ngenhla.

Kukhona izinjini ezimbili zikaphethr­oli nekadizili eyodwa. Ekaphethro­li encane ingu-1.0 TFSI ekhiqiza amandla angu-85kw netorque ka-200Nm. Kukhona engumanual neyiS tronic. Kukhona ne-1.4 TFSI enamandla angu-110kw netorque ka-250Nm. Nakuyo kukhona enamagiya ayisithuph­a ashintshwa­yo noma eyiS tronic okuyiyo engithole ithuba lokuyishay­ela. Ngebanga lika-100km bathi isebenzisa amalitha angu-5.2 Amanani: • Audi Q2 1.4T FSI Sport S tronic: R529,500 Iphuma ne-Audi Freeway Plan yeminyaka emihlanu noma ibanga lika-100 000km.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa