Izibalo zokudayiswa kwezimoto
INHLANGANO yabakhiqizi bezimoto, iNational Association of Automobile Manufacturers of SA (Naamsa), ithe ukuthengwa kwezimoto kungase kufane nokwangonyaka odlule.
INaamsa ibiphawula ngemuva kokukhipha izibalo zokudayiswa kwezimoto ngoJulayi.
Ithe kudingeka ukuthi osomabhizinisi, uhulumeni nabasebenzi benze ukuthi kube lula ukuthi kuze abatshalizimali.
Ithe ukuthengwa kwezimoto ezintsha kuncike kakhulu ekutheni umnotho wenza njani. Ithe ngakolunye uhlangothi kungase kuhambe kahle uma kukhulunywa ngesibalo sezithunyelwa ngaphandle.
Ngenyanga edlule ukuthengwa kwezimoto kukhule ngo-1 849 noma u-4.1% uma kuqhathaniswa noJulayi wonyaka odlule njengoba zibe ngu-46 719 kanti ngonyaka odlule zazingu-44 870.
Ezithunyelwa ngaphandle zona zibe ngu-35 486 nokuwukukhula ngo-6 456 noma u-22.2% uma kuqhathaniswa nezingu-29 030 zangonyaka odlule.
Kuzo zonke izimoto ezingu-46 719 ezidayisiwe, ezingu-36 999 noma u-79.2% wazo zithengwe emagaraji, 13.8% izinkampani eziqashisa ngezimoto, u-3.1% kwaba ngowamabhizinisi kwathi u-3.9% kwaba ngokahulumeni.
Izimoto ezintsha ukuthengwa kwazo kukhule ngo-1 791 noma u-6.2% njengoba zibe ngu-30 826 uma kuqhathaniswa no-29 035 wangesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.
Ukuthengwa kwamaveni namabhasi amancane kube ngu-13 774 okuwukukhula ngo-231 noma u-1.7% uma kuqhathaniswa no-13 543 wangonyaka odlule.
Ukudayiswa kwamaloli amakhulu namabhasi khona kuqhubekile nokubhekana nobunzima njengoba kwehlile.
Ezithunyelwe kwamanye amazwe zibe ngu-35 486. Lokhu kusho ukuthi zikhuphuke ngo-6 456 noma u-22.2% uma kuqhathaniswa no-29 030 wangesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.
Izimotweni ezidayise kakhulu kukhona iToyota Hilux (3100), Ford Ranger (2300), VW Polo Vivo (2675) nezinye.