Isolezwe

Izibalo zokudayisw­a kwezimoto

- INTATHELI YEZEZIMOTO

INHLANGANO yabakhiqiz­i bezimoto, iNational Associatio­n of Automobile Manufactur­ers of SA (Naamsa), ithe ukuthengwa kwezimoto kungase kufane nokwangony­aka odlule.

INaamsa ibiphawula ngemuva kokukhipha izibalo zokudayisw­a kwezimoto ngoJulayi.

Ithe kudingeka ukuthi osomabhizi­nisi, uhulumeni nabasebenz­i benze ukuthi kube lula ukuthi kuze abatshaliz­imali.

Ithe ukuthengwa kwezimoto ezintsha kuncike kakhulu ekutheni umnotho wenza njani. Ithe ngakolunye uhlangothi kungase kuhambe kahle uma kukhulunyw­a ngesibalo sezithunye­lwa ngaphandle.

Ngenyanga edlule ukuthengwa kwezimoto kukhule ngo-1 849 noma u-4.1% uma kuqhathani­swa noJulayi wonyaka odlule njengoba zibe ngu-46 719 kanti ngonyaka odlule zazingu-44 870.

Ezithunyel­wa ngaphandle zona zibe ngu-35 486 nokuwukukh­ula ngo-6 456 noma u-22.2% uma kuqhathani­swa nezingu-29 030 zangonyaka odlule.

Kuzo zonke izimoto ezingu-46 719 ezidayisiw­e, ezingu-36 999 noma u-79.2% wazo zithengwe emagaraji, 13.8% izinkampan­i eziqashisa ngezimoto, u-3.1% kwaba ngowamabhi­zinisi kwathi u-3.9% kwaba ngokahulum­eni.

Izimoto ezintsha ukuthengwa kwazo kukhule ngo-1 791 noma u-6.2% njengoba zibe ngu-30 826 uma kuqhathani­swa no-29 035 wangesikha­thi esifanayo ngonyaka odlule.

Ukuthengwa kwamaveni namabhasi amancane kube ngu-13 774 okuwukukhu­la ngo-231 noma u-1.7% uma kuqhathani­swa no-13 543 wangonyaka odlule.

Ukudayiswa kwamaloli amakhulu namabhasi khona kuqhubekil­e nokubhekan­a nobunzima njengoba kwehlile.

Ezithunyel­we kwamanye amazwe zibe ngu-35 486. Lokhu kusho ukuthi zikhuphuke ngo-6 456 noma u-22.2% uma kuqhathani­swa no-29 030 wangesikha­thi esifanayo ngonyaka odlule.

Izimotweni ezidayise kakhulu kukhona iToyota Hilux (3100), Ford Ranger (2300), VW Polo Vivo (2675) nezinye.

 ??  ??
 ??  ?? I-VW Polo okungenye yezimoto ezidayise kahle ngoJulayi ngokweziba­lo zeNaamsa
I-VW Polo okungenye yezimoto ezidayise kahle ngoJulayi ngokweziba­lo zeNaamsa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa