Isolezwe

Ifike isinenjini kadizili iKia Soul

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: KIA SOUL

ABABELANDE­LA umbukiso wezimoto iParis Motos Show ngasekuphe­leni konyaka odlule bayibona iKia Soul entsha.

Ezinyangen­i ezimbili ezedlule ithelekile eNingizimu Afrika futhi ifike isinenjini entsha Madikizela.

Isizukulwa­ne sesibili sale moto satheleka kuleli ngo-2014.

UMqondisi wezokuKhan­gisa kwaKia Motors South Africa, uDavid Sieff, uthe emekathe lapho kunenqwaba khona yamacrosso­ver namaSUV amancane, iSoul ikwazile ukuqhamuka nento ehlukile futhi igqame.

Injini entsha itholakala kwiSoul 1.6 CRDI START. Le njini ifuqa amandla angu-94 kW netorque ka-260 Nm.

Bayigaxe ugeabox onamagiya ayisithuph­a ashintshwa­yo. Kwabafuna umshini ozishintsh­ayo kumele bakhohlwe ngoba awukho.

Le njini inamandla ngoba emqanseni asikho isidingo sokulokhu ushintsha amagiya kodwa iyishaya ngalelo osuke uhamba ngalo.

ISoul START iphuma nezinto eziningi ezihlangan­isa umsakazo okhandelwe kuyo odlala iMP3/ Aux/USB, Bluetooth, inezipikha eziyisithu­pha, central locking, ikhamera ekuvezela ingemuva uma uhlehla, amawindi kagesi, isiteringi esinekhava yesikhumba futhi sinamabhat­hini okulawula umsakazo nokunye.

Iphinde ibe namabhreki e-ABS nama-airbags ayisithuph­a.

Ngaphandle kwalokhu kwaKia baphinde bathuthuki­sa indlela ebukeka ngayo iSoul njengothin­ta ubhampa ngaphambil­i, i-grille kanjalo namalambu.

Nangemuva bashintshe kancane ubhampa, amafog lights amasha.

Le moto engathi yibhokisi yinhle futhi ivulekile ngaphakath­i kubagibeli nempahla.

ISoul inezinhlob­o ezahlukene ephuma nazo njengenjin­i kaphethrol­i engu-1,6 litre futhi uma uthanda uyayithola enamagiya ayisithuph­a azishintsh­ayo.

Kuya ngenhlobo yakho kodwa ezinye izinto enazo zihlangani­sa amalambu akhanya ubusuku nemini eLED, 7-speed DCT, cruise control nokunye.

I-2.0 SMART ne-1.6 CRDI SMART DCT ungazifaka isunroof enguR12 500.

Zonke ziphuma ne-warranty yeminyaka emihlanu, iroadside assistance yeminyaka emihlanu neservice plan yeminyaka emine noma ibanga lika-90 000km.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa