Isolezwe

Yenza lokhu uma kunenkungu...

- FANELESIBO­NGE BENGU

ININGIZIMU Afrika ibalwa namanye amazwe ahamba phambili ngezingozi emigwaqwen­i yakhona ezishiya kukhalwa emindenini ngenxa yokushona kwamalungu awo.

Umnikazi wesikole sokushayel­a esizinze eThekwini uMnuz Mte Zungu wenkampani Ubuyaluyal­u Driving uthe okudala kakhulu izingozi ngabashaye­li abasebenzi­sa amaselula beshayela.

Uthe enye yinkinga wukushayel­a ukhathele.

“Kukhona labo abazibona engathi sebevuthiw­e bese bengayihlo­niphi imithetho yemigwaqo esibafundi­sa yona,” kusho uZungu.

Uthe nophuzo oludakayo nalo lunomthele­la.

Inhlangano efundisa ukushayela iMasterDri­ve ikhiphe amathiphu okushayela uma kunenkungu ukuze kugwemeke izingozi.

Ithe uma izangoma zezulu zibika ukuthi kunezinkun­gu, thatha omunye umzila uma kwenzeka.

- Yenza isiqinisek­o sokuthi amawindi ahlanzikil­e ngaphandle nangaphaka­thi ngoba angcolile anciphisa indlela obuka ngayo

- Ungawakhan­yisi amalambu ngo-bright. Uma uwenze njalo kuba nzima ukuthi ubone ngakho kuncono ukuthi usebenzise ajwayeleki­le noma ama-fog lights.

- Gwema ukusebenzi­sa amalambu ezimo eziphuthum­ayo ngoba aphazamisa abanye abashayeli.

- Gwema ukushintsh­a amafog lights ngokufaka lawa akhanyisa ngokuluhla­za ngoba enza anciphisa amathuba okuthi ubonakale. - Nciphisa isivinini. - Shiya isikhala esikhulu phakathi kwakho nemoto engaphambi­li

- Vula iwindi. Uzozwa ukuthi kwenzakala­ni ngaphandi nokungakus­iza ukuthi usheshe ugweme ingozi uma kunesiding. Kusiza futhi nokususa inkungu ngaphakath­i.

- Bheka ukuthi ama-wiper angakusiza yini ukunciphis­a inkungu.

- Gwema ukuvele ushintshe umzile.

- Yehlisa umoya uma ushayela.

- Ungavele ume emgwaqeni, abanye abashayeli kungenzeka bengakubon­i ukuthi umile

- Uma inkungu iqinisa, ungavele ume phakathi nomgwaqo, thola indawo ephephile.

- Qaphela abashayeli abangakhan­yisile.

- Sheshe uxwayise abanye abashayeli ngokwenzay­o futhi uqale ubhreke kusanesikh­athi

- Gwema ngayo yonke indlela izinto ezingakuph­azamisa ushayela

 ??  ?? UMA ushayela endaweni enenkungu kumele uqaphele ngoba kunzima ukuthi ubone phambili Isithombe: ViktorHana­cek.cz
UMA ushayela endaweni enenkungu kumele uqaphele ngoba kunzima ukuthi ubone phambili Isithombe: ViktorHana­cek.cz
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa