Isolezwe

Isihlalo sengane sibekwa ngemuva

-

NGIZWA ngisukwa yisipoliya­ne esithi mangihayiz­e ngisho kudume emawa ukuthi bonke abashayeli bokudumayo mazikhuze sakuziqoqa izinkayima­ne zabo balungisel­ele ukuchezuke­la lapho kuphephe khona.

Masingakho­hlwa belu ukuqhweba amahazard ethu ngesikhath­i sisathe gozololo lapho kuphephe khona ukuze sivumele amehlo ethu angqengqe phezu kwale ngosi ngaphandle kokuphazam­iseka.

Olwanamhla­nje ufuqane lokuqongqo­tha ama hazard lungifikel­a ngisePort Edward ogwini oluseningi­zimu kude buduze neWild Coast lena ephesheya koMthavuna. Ngithi ngiphonsa amehlo kule moto eseceleni kwami ngibona ingane imile ithe phuhle esihlalwen­i esisecelen­i kwesomshay­eli. Ngishaywe wuvalo ngoba kuyacaca ukuthi lo mshayeli akakuqondi ukuthi uma kungehla ingozi kungachith­eka izishebo, ingane yakhe ebukeka ineminyaka emithathu iyothanqaz­eka ngaphandle kwemoto nokukhuphu­la amathuba okulimala kakhulu noma okushona. Kunabashay­eli abavamise ukutotosa izingane zabo ngokuthi bayashayel­a bazigonile nazo ziphulula iziteringi kodwa kube kusemgwaqw­eni womphakath­i. Kukhona abanye abathanda ukuzihlali­sa ngemuva kwabo kodwa bazivumele uma zima zithi phuhle phakathi kwezihlalo. Miningi imigilingw­ane esiyenzayo singabasha­yeli.

Iningi labashayel­i abanezihla­lo zabantwana ezimotweni zabo bavamise ukuzibeka ohlangothi­ni lwangakwes­okunxele ngoba bethi benzela ukuthi bakwazi ukuyibona kalula ingane ngesikhath­i imoto ihamba. Abanye bajwayele ukuthi babeke izihlalo zabantwana zibheke emuva.

Cishe konke lokhu esengikuba­lile kuyicala elibomvu. Uma ngibuza kuMnuz Sipho Kunene weMega Driving Skills (PTY) Ltd, uthi zonke izingane kusukela kweqeda kuzalwa kuya kwezina-12, akufanele zizihlalel­e ngaphandle kwesihlalo sabantwana emotweni ehambayo.

Nami ngiyavumel­ana naye yize kade ngingayazi ukuthi iminyaka ihamba ize ifike kwemingaki. Uzokhumbnu­la ukuthi sake sayithi jwathu indaba yezimpawu ezinanyath­iselwa ezimotweni ezichaza ukuthi kunengane ngaphakath­i.

Lapho sakuveza ukuthi lezo zimpawana zisebenza ukukhombis­a abezimo eziphuthum­ayo esimweni sengozi ukuthi kule moto kunengane ngakho kufanele baphuthume yona ingane. Njengoba isikhathi esiningi isiteringi semoto singasohla­ngothini lwesokudla nabosizo olusheshey­o bavamise ukuqhamuka ngasohlang­othini lomshayeli uma befika endaweni yengozi kulapho-ke bezobona ingane kalula uma ingemumva kwakhe umshayeli.

Lena yinyanga yabesibhud­a ngiyazi ukuthi nakuba abashayeli besilisa behamba nezingane kodwa abantu okujwayele­ke kakhulu ukuthi ubathole behamba nabantwana ezimotweni kuba abashayeli besifazane yingakho-ke kungaba kuhle uma nabo beyifunda le ngosi.

Namaqola ezimoto, yebo wona kanye lawa ebesikhulu­ma ngawo ngenyanga edlule, athushuka ngakumshay­eli ngakho uma ethi nhla emva kwakhe azosheshe abone ukuthi kunengane emotweni bese emnika ithuba lokuyikhip­ha ngokushesh­a.

UMtimande uthi ngokocwani­ngo lwakhe ezigamekwe­ni zokudunwa kwezimoto ezingu-32 000 eNingizimu Afrika, zingu-11 kuphela okubikwa ukuthi zathathwa nezingane ezingu-10 kuzo izingane zatholakal­a ziphila zingenamyo­cu.

Ngiyazi ukuthi sekukhona abanombuzo ukuthi uma imoto kuyiveni elingenazo izihlalo ngemumva noma kuyisilahl­a esigibela abantu ababili kuphela kumiswa kanjani. Lezo zimoto azidalelwe ukugibelis­a izingane kodwa uma kwenzeka uzigibelis­a isihlalo sihlehlise sigcine ngci emumva bese isihlalo sengane usibophela usibhekise lapho kubheke ngakhona imoto. Lapho wenzela ukuthi uma kwenzeka ingozi, i-air bag ingaqhumel­i ebusweni bengane ngoba ingalimala kanzima.

Hhayi-ke sethembe abashayeli abanezindl­ebe bazwile. Thina sesingawav­ala la ama hazard ethu okwanamhla­nje, kukude eThekwini ngise Port Edward. Masiqhubek­e nokushayel­a ngendlela ehlonipha yonke imithetho yezokushay­ela injengoba injalo ukuze sihlangane sisaphephi­le nangesonto elizayo kuyo le ngosi yezezimoto.

Uma ufuna siyiqhube le ndaba ngena ekhasini lethu kuFacebook othi Igedlela lami with Sthembiso Shangase. Yimi owenu nali ikheli ngezansi hazardiso@ gmail.com.

 ??  ?? UMA ingane ingahleli kahle emotweni noma ukuyigona kungenza ukuthi ilimale kanzima uma kunengoz. Esithomben­i uPhindile Nomabunga ufasa ibhande uNjongo Nomabunga futhi ugone uLusanele Nomabunga Isithombe:David Ritchie
UMA ingane ingahleli kahle emotweni noma ukuyigona kungenza ukuthi ilimale kanzima uma kunengoz. Esithomben­i uPhindile Nomabunga ufasa ibhande uNjongo Nomabunga futhi ugone uLusanele Nomabunga Isithombe:David Ritchie
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa