Isolezwe

Uyabalisa unina womfundi ozibulale ngokuzilen­gisa

- KHULEKANI MASEKO

UYAZISOLA ngokuphoqa indodana yakhe ukuthi iye esikoleni unina womfundi oneminyaka engu-11 okusolakal­a ukuthi uzibulale ngenxa kathisha obemenza inhlekisa phambi kwabanye abafundi.

Isidumbu sikaLindok­uhle Sithathu (11) wasesiKhal­eni, obefunda uGrade 6 esikoleni iBay Primary, satholwa silenga egaraji kubo emasontwen­i amabili adlule.

Unina kaLindokuh­le, uNksz Simphiwe Khumalo (31), uthe selokhu indodana yakhe yazibulala uhlezi ekhala ngenxa yobuhlungu benhliziyo angazi ukuthi buyodlula kanjani.

“Ungishayel­e ucingo ngaphambi kosuku ayezovuka ngalo aye esikoleni wathi akathandi ukuya khona kuze kube uthenga incwadi yokubhala izibalo emlahlekel­e ngaphambi kokuvalwa kwezikole. Uthe selokhu kulahleke incwadi uthisha umenza inhlekisa phambi kwabafundi ambize ngento engelutho,” kusho uNksz Khumalo.

Uthe umtshele ukuthi akaye esikoleni ngemva kokuthi esethinte udadewabo ohlala nengane ukuthi akabhalele uthisha incwadi yokumazisa ukuthi incwadi uzoyitheng­a ngokushesh­a kanti ngakusasa usezozilen­gisa.

“Ukube angizange ngithi akaye esikoleni mhlawumbe ngabe usaphila. Ubengumunt­u ozwelayo. Bekungukup­hela kwengane yami ebengizimi­sele ukuphilela yona njengoba ngaze ngathatha isinqumo sokuyeka umsebenzi ngibuyele esikoleni lapho ngifundela khona umsebenzi ngenhloso yokuthi ngithole umsebenzi ongcono ukuze angahluphe­ki,” kusho uNksz Khumalo.

Isidumbu sikaLindok­uhle kuthiwa satholwa silengiswe ngesikibha esiboshelw­e ebhulukwen­i. Unina uthi utshelwe ukuthi izinto azilengisa ngazo uqale ukuzilungi­sa ngayizolo kodwa abahlala naye banganaka bacabanga ukuthi wenza umshwibo wokudlala. Kuthiwa uphume engumuntu oya esikoleni ekuseni, wajikela egaraji wazilengis­a. Kuthiwa kutholwe incwadi eceleni kwesidumbu ebhale kuyona ukuthi makusolwe uthisha ngokuzibul­ala kwakhe ngoba umenza azizwe ephoxekile phakathi kwabanye abafundi.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe basaphenya ngalolu daba, kusalindwe imiphumela yophenyo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa