Isolezwe

‘Uma unenkinga nami biza umhlangano’

- MHLENGI SHANGASE

MA unenkinga nami, biza umhlangano indaba ixoxwe, ungajahi ukuyokhulu­ma esidlangal­aleni uveze amahlazo asekhaya.”

Lokhu kushiwo nguMengame­li Jacob Zuma izolo ekhuluma emcimbini wokwembulw­a komfuzisel­o kaHarry Gwala, ezinkundle­ni zemidlalo kwaCaluza eMgungundl­ovu.

UZuma uthe labo baholi abanenking­a naye kumele bambizele emhlanganw­eni ukuze kulungiswe izinkinga.

“Uthola abantu belinda ukufa kwekhehla labantu bese bethola inkundla yokukhulum­a emngcwaben­i. Basebenzis­a imingcwabo ukusingcof­a baneke izinto zangaphaka­thi emphakathi­ni. Uwumuntu onjani owenza lokhu? Ngibize uma unenkinga indaba siyilungis­e ngokushesh­a,” kusho uZuma.

Uthe uma inkinga isilungisw­a kungavela ukuthi yena akayona inkinga mhlawumbe inkinga ikuloyo osuke ekhuluma kakhulu.

Uqhube wathi izinkinga zindala aziqali manje wathi yena usakhetha ukuwuhlaba inhlali.

“Sengakheth­a ukuthula ngoba abanye bacabanga ukuthi izinkinga zintsha kanti zindala. UGwala wasifundis­a lukhulu, kukhona isikhathi lapho kwathiwa bawubulele umbutho beboshiwe eRobben Island eKapa,” kusho uZuma.

Uthe uGwala wayephiwe ngoba wayefundis­a kahle abantu bamuzwe ukuthi uthini.

UNdunankul­u waKwaZuluN­atal, uMnuz Willies Mchunu, uncome uZuma ngamagalel­o akhe wathi unguMengam­eli obizwa asabele. Ukhale ngomunye wabaholi baseMgungu­ndlovu athe useshintsh­e kakhulu usekhuluma noma yikanjani.

“Yaze yashintsha ingane Bathabile Dlamini (uMengameli wabesifaza­ne kwi-ANC). Yasishints­hela ingane siyazi. UGwala ubeyodumal­a ngoba ngomunye wabantu abemthemba kodwa manje usecula elinye iculo,” kusho uMchunu ngaphandle kokubiza igama lomholi.

UZuma uthe baningi abaholi asebeguquk­ile wathi akathuki ngoba abanye babevele bengabaza amava abo emzabalazw­eni.

“Kukhona abanye abaholi esabachith­a ukuthi baye emazweni angaphandl­e ngesikhath­i somzabalaz­o. Manje siyabona ukuthi sathatha isinqumo esikahle ngakho ngoba sasibangab­aza,” kusho uZuma ngaphandle kokubiza amagama alaba baholi.

Uthe isimo sangesikha­thi somzabalaz­o nesamanje kasisafani.

UMnuz Linda Gwala,wasemndeni­ni kaGwala, uthe umfuziselo obuvulwa bese kuneminyak­a emine ungavulwa.

“Bese sikhathaze­kile ngokuthi awuvulwa sekuphele iminyaka. Besizama siphusha ukuthi uvulwe, uMengameli simazise ngomzuzu wokugcina kodwa wasukumele phezulu wafika ezowuvula.”

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENGI ?? UMENGAMELI Jacob Zuma ekhuluma emcimbini womfuzisel­o kaMnuz Harry Gwala obuseMgung­undlovu izolo
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENGI UMENGAMELI Jacob Zuma ekhuluma emcimbini womfuzisel­o kaMnuz Harry Gwala obuseMgung­undlovu izolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa