‘Uma unenkinga nami biza umhlangano’
MA unenkinga nami, biza umhlangano indaba ixoxwe, ungajahi ukuyokhuluma esidlangalaleni uveze amahlazo asekhaya.”
Lokhu kushiwo nguMengameli Jacob Zuma izolo ekhuluma emcimbini wokwembulwa komfuziselo kaHarry Gwala, ezinkundleni zemidlalo kwaCaluza eMgungundlovu.
UZuma uthe labo baholi abanenkinga naye kumele bambizele emhlanganweni ukuze kulungiswe izinkinga.
“Uthola abantu belinda ukufa kwekhehla labantu bese bethola inkundla yokukhuluma emngcwabeni. Basebenzisa imingcwabo ukusingcofa baneke izinto zangaphakathi emphakathini. Uwumuntu onjani owenza lokhu? Ngibize uma unenkinga indaba siyilungise ngokushesha,” kusho uZuma.
Uthe uma inkinga isilungiswa kungavela ukuthi yena akayona inkinga mhlawumbe inkinga ikuloyo osuke ekhuluma kakhulu.
Uqhube wathi izinkinga zindala aziqali manje wathi yena usakhetha ukuwuhlaba inhlali.
“Sengakhetha ukuthula ngoba abanye bacabanga ukuthi izinkinga zintsha kanti zindala. UGwala wasifundisa lukhulu, kukhona isikhathi lapho kwathiwa bawubulele umbutho beboshiwe eRobben Island eKapa,” kusho uZuma.
Uthe uGwala wayephiwe ngoba wayefundisa kahle abantu bamuzwe ukuthi uthini.
UNdunankulu waKwaZuluNatal, uMnuz Willies Mchunu, uncome uZuma ngamagalelo akhe wathi unguMengameli obizwa asabele. Ukhale ngomunye wabaholi baseMgungundlovu athe useshintshe kakhulu usekhuluma noma yikanjani.
“Yaze yashintsha ingane Bathabile Dlamini (uMengameli wabesifazane kwi-ANC). Yasishintshela ingane siyazi. UGwala ubeyodumala ngoba ngomunye wabantu abemthemba kodwa manje usecula elinye iculo,” kusho uMchunu ngaphandle kokubiza igama lomholi.
UZuma uthe baningi abaholi asebeguqukile wathi akathuki ngoba abanye babevele bengabaza amava abo emzabalazweni.
“Kukhona abanye abaholi esabachitha ukuthi baye emazweni angaphandle ngesikhathi somzabalazo. Manje siyabona ukuthi sathatha isinqumo esikahle ngakho ngoba sasibangabaza,” kusho uZuma ngaphandle kokubiza amagama alaba baholi.
Uthe isimo sangesikhathi somzabalazo nesamanje kasisafani.
UMnuz Linda Gwala,wasemndenini kaGwala, uthe umfuziselo obuvulwa bese kuneminyaka emine ungavulwa.
“Bese sikhathazekile ngokuthi awuvulwa sekuphele iminyaka. Besizama siphusha ukuthi uvulwe, uMengameli simazise ngomzuzu wokugcina kodwa wasukumele phezulu wafika ezowuvula.”