Isolezwe

Usizwe ‘ukuhletshe­lwa’ obezunywa owezemfund­o

- CHARLES KHUZWAYO

USINDE olakeni lukaNgqong­qoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal uthishanhl­oko wesikole samabanga aphezulu saseLindel­ani eThekwini, iThandolwe­sizwe High ngoLwesihl­anu. UMnuz Mthandeni Dlungwane ubethi uzuma uthishanhl­oko uNkk Thobile Phungula engazelele kanti kukhona abazomhleb­ela ukuthi akalungise esikoleni sakhe ngoba kuza uDlungwane.

UDlungwane ubehambele umcimbi wokuvulwa ngokusemth­ethweni kwesikole samabanga aphansi iDuduzani Primary, okuyisikol­e esakhelene neThandolw­esizwe kanti uzobona izingane zigcaluza ngesikhath­i sokufunda. Uthe eqambe enikela eThandolwe­sizwe wafica uNkk Phungula esesehhovi­si lakhe futhi nezingane sezisemaki­lasini. Ufike wabuza uNkk Phungula ukuthi isikole sakhe senze kanjani kwa-matric nyakenye, wathi uma uNkk Phungula ethi sithole u-42%, wathukuthe­la kakhulu.

“Yihlazo leli! Ngiyabona ukuthi kukhona abakuhlebe­lile ukuthi ngiza lapha, bengithi ngifuna ukutheleka ungazi njengoba bekunezing­ane ebezigcwel­e ngaphandle ngesikhath­i sesikole.”

UNgqongqos­he unxuse uNkk Phungula ukuthi abhukule ngempela ngoba sekusele izinsuku ezingu-79 kubhalwe izivivinyo zokuphela konyaka. Usuke lapho waqonda kwelinye ikilasi lapho efike khona wakhuthaza abafundi ba-matric ukuba bazimisele ukuze bakhuphule izinga lokuphasa kulesi sikole. “Anginandab­a nokuthi nitholani iphesenti elingaki kodwa ngifuna niphumelel­e ukuze ningalahle­kelwa yisikhathi kulo nyaka futhi nibe nekusasa eliqhakazi­le.”

UNkk Phungula ubonge kakhulu futhi wathembisa ukuthi kulo nyaka bahlose ukuphumele­la ngo-75% futhi wacela kuDlungwan­e umuntu ozobasiza.

 ?? Isithombe:NQOBILE MBONAMBI ?? UNGQONGQOS­HE wezeMfundo eKZN uMnuz Mthandeni Dlungwane evula ngokusemth­ethweni iDuduzani Primary eLindelani ngoLwesihl­anu. Abamkakile nguMnuz Stanley Miya, uNkk Nomusa Lushaba noMnuz Sbu Kheswa
Isithombe:NQOBILE MBONAMBI UNGQONGQOS­HE wezeMfundo eKZN uMnuz Mthandeni Dlungwane evula ngokusemth­ethweni iDuduzani Primary eLindelani ngoLwesihl­anu. Abamkakile nguMnuz Stanley Miya, uNkk Nomusa Lushaba noMnuz Sbu Kheswa
 ?? Isithombe:NQOBILE MBONAMBI ?? UNGQONGQOS­HE uMthandeni Dlungwane ekhuluma nothishanh­loko uNkk Thobile Phungula kade ethi uyamzuma
Isithombe:NQOBILE MBONAMBI UNGQONGQOS­HE uMthandeni Dlungwane ekhuluma nothishanh­loko uNkk Thobile Phungula kade ethi uyamzuma

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa