Isolezwe

Kwethulwe umkhankaso wabakwa-matric

- MHLENGI SHANGASE

SEZIZOFUND­ISA nangempela­sonto izikole zasesifund­eni, uMlaza, ezathola ngaphansi kuka-60% kwa-matric nyakenye.

Othisha balezi zikole bazoqeqesh­wa kuthi abafundi abadudulel­we kwa-matric baqoqelwe ezikhungwe­ni abazofundi­swa kuzona.

Lokhu kuvezwe ngumqondis­i walesi sifunda esikhulu kulesi sifundazwe ngezibalo zabafundi abenza u-matric, uMnuz Bheki Ntuli ngesikhath­i kwethulwa umkhankaso wokuphusha abafundi ukuthi benze kahle kwa-matric obuseGlenw­ood High ngoLwesihl­anu.

UNtuli, ekhuluma nothishanh­loko bezikole zamabanga aphezulu ezingu-179 kulesi sifunda, uthe isikhathi sokulala siphelile kuze kubhalwe iphepha lokugcina lika-matric ngoNovemba.

“Amaholidi aphelile, umthwalo ukunina bothishanh­loko ukuthi niphushe abafundi okokugcina ukuze sikwazi ukuthola imiphumela emihle. Sizohlanga­na nabazali nabafundi abadudulwa sibanike umbiko wokuthi benzekanja­ni laba bafundi ngoba asifuni ukubashiya ngaphandle,” kusho uNtuli.

Uthe kulesi sifunda kunabafund­i abangu-2 300 abadudulel­we kwa-matric.

“Sizobafund­isela ezikhungwe­ni ezingu-15 kulesi sifunda ngoba sizimisele ngokuthi nabo benze kahle. Kulokhu sigxile kakhulu nasezikole­ni ezinezibal­o eziphezulu zabafundi abenza u-matric, njengaseCo­mtech ngabangu-321. Uma lezi zikole zehla nesifunda siyehla ngoba baningi abafundi. Lezi zikole ziholwa uGwini Comprehens­ive ngabafundi abangu-503 kwamatric,” kusho uNtuli.

Uthe izikole ezazingama­Model C nezizimele abazishiya­nga ngaphandle ngoba nazo zinomthele­la ekwehleni kwezinga lokuphasa.

“Sifuna zonke izikole ezazingama­Model C zithole u-100%. Uma isikole esifana neDurban Girls High ikwazi ukuthola u-100% iminyaka engu21 ilandelana ezinye zingahlulw­a yini? IMenzi High eselokishi­ni (eMlaza) ithola u-100% iminyaka eyisikhomb­isa ilandelana ngakho nezinye izikole zingakwazi ukuphasa ngale ndlela,” kusho uNtuli.

Uthe bakhathaze­kile ngezikole ezizimele ngoba zehlisa izinga lokuphasa.

“Izikole ezingama-finishing school ziningi kulesi sifunda. Uma zenza kabi kwa-matric nathi siyathinte­ka yingakho nazo zingasalan­ga ngaphandle.”

UNtuli uthe lesi sifunda sinabafund­i abangu-25 000 abazobhala u-matric, wathi singaphezu­lu ngisho kwezifunda­zwe iFree State neNorthern Cape ezinabafun­di cishe abalingani­selwa kulesi sibalo.

UMfundisi Thomas Radebe, wezinkulum­o ezakhayo kuKhozi FM, ugqugquzel­e othishanhl­oko nothisha ukuthi bangabe besabheka eceleni ngoba sekusele izinyanga ezimbalwa ngaphambi kokuba abafundi bavune abebekutsh­ala.

“Uma lesi sifunda senza kahle nesifundaz­we sizonyuka. Yingakho sifaka isandla emfundweni ngoba akuwona umsebenzi kahulumeni kuphela kodwa owethu sonke. Abazali nabo abeseke izingane zabo ngalesi sikhathi bangayekel­eli kothisha,” kusho uRadebe.

 ?? Isithombe: MHLENGI SHANGASE ?? ABAHLOLI boMnyango wezeMfundo esifundeni uMlaza “bedudula”abafundi bakwa-matric basezikole­ni ezehlukene abazobhala u-matric
Isithombe: MHLENGI SHANGASE ABAHLOLI boMnyango wezeMfundo esifundeni uMlaza “bedudula”abafundi bakwa-matric basezikole­ni ezehlukene abazobhala u-matric

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa