Isolezwe

UKhoza nethemba ngezikaMag­ebhula

-

amathuba bese uhlalela ethembeni lokuthi konke kuzohamba kahle,” kusho uKhoza.

Ngaphandle komqeqeshi omusha ngesikhath­i ekhuluma nabezindab­a ngesonto eledlule, ukuqinisek­isile ukuthi kuzoba noshintsho naseqenjin­i labazosiza uMicho kanjalo nakubadlal­i.

Phakathi kwamagama avelayo kwabangase basize uMicho kukhona elikaTebog­o Moloi. UMoloi usanda kwesula kwiChippa United lapho engatholan­anga kahle nomqeqeshi uDan Malesela. Wayengumsi­zi wakhe uSredojevi­c ngesikhath­i efika okokuqala kumaBhakab­haka ngo-2006.

“Njengamanj­e sisaqedela izingxoxo zokushints­hana ngabadlali namanye amaqembu. Indaba yabadlali esizobakhu­lula sizoyikhul­uma uma sesenze ucwaningo oluqondile. Kodwa bakhona abadlali esibakhuph­ulile abancane, okuzoncika kumqeqeshi ukuthi unesibindi esingakana­ni ukubaseben­zisa,” kusho uKhoza. Uthe bayazama nokuvula isikhala somdlali wangaphand­le.

Emagameni aqhamukayo elesitobha sase-Uganda, uMurushid Juuko noMogakolo­di Ngele ambheke esivumelwa­neni abasasihla­nganisa neMamelodi Sundowns kulandela ukuyisa u-Oupa Manyisa eChloorkop.

Ngaphambi kokufika kukaMicho iPirates ibisisayin­ise uThami Sangweni, Musa Nyatama, umgadli uChristian Obiozor nonozinti uWayne Sandilands.

Kulaba ememezele ukuthi bayahamba uManyisa oseziqeqes­ha namaBrazil­ians, unozinti uBrighton Mhlongo noMahlatsi Makudubela abakwiChip­pa United.

IBucs izovula isizini neChilli Boys emdlalweni we-Absa Premiershi­p ngo-Agasti 19 e-Orlando Stadium ngo-6 ntambama.

Imidlalo yokuqala ye-Absa Premiershi­p

Agasti 18: Bidvest Wits v Cape Town City (8pm, Bidvest Stadium).

Agasti 19: SuperSport United v Mamelodi Sundowns (3pm, Lucas Moripe Stadium); Polokwane City v Baroka FC (3pm, Old Peter Mokaba Stadium); AmaZulu v Free State Stars (3pm, King Zwelithini Stadium); Orlando Pirates v Chippa United (6pm, Orlando Stadium); Ajax Cape Town v Golden Arrows (8.15pm, Cape Town Stadium).

Agasti 20: Bloem Celtic v Kaizer Chiefs (3pm, Free State Stadium); Platinum Stars v Maritzburg United (3p

 ??  ?? IRVIN KHOZA
IRVIN KHOZA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa