Isolezwe

I-Downs ayineme ngo-Irvin Khoza

- MINENHLE MKHIZE

KUNGENZEKA bethulwe kanye kanye oGeorge Lebese no-Oupa Manyisa kwiMamelod­i Sundowns. Abafana Ba Style basezingxo­xweni zokusayini­sa laba badlali ababili abadume kwiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.

Leli phephandab­a lihoshe izindaba zokuthi iSundowns ihlela ukuthi ibathule bobabili laba badlali uma konke kuhambe ngohlelo.

“ISundowns ayiyithand­anga indlela iPirates eyenze ngayo. Usihlalo wePirates (u-Irvin Khoza) wethule umdlali iSundowns ingakavume­lani naye ngezidingo zakhe. Njengamanj­e iyona into esabambile ekutheni iSundowns yethule uManyisa ngokusemth­ethweni. Ngemuva kokumenyez­elwa kwezindaba zokuthi usebheke kwiSundown­s uManyisa uyekile ukujima nePirates.

“Njengamanj­e useqalile ukujima neSundowns. Osekusele wukuthi aqedele indaba yezidingo zakhe bese eyasayina. Enye into ebambile yile ndaba yokushints­hisana ngabadlali. ISundowns ihlalele ethembeni lokuthi izoqeda ngayo yonke le nto maduze bese yethula umdlali. Uma konke kuhamba kahle kungenzeka athulwe noGeorge Lebese. ISundowns ixoxa neChiefs ngokuthi kudayiselw­ane lo mdlali,” kusho umthombo.

ULebese akazange abonakale emidlalwen­i emibili edlule yeChiefs. Ubengekho kuCarling Black Label Cup ngesikhath­i Amakhosi equmba phansi i-Orlando Pirates ngo-1-0 wegoli likaBernar­d Parker e-FNB Stadium, eSoweto, eGoli.

Leli nxele liphinde langabonak­ala ngesikhath­i iChiefs ithelwa othulini yiChippa United ngo-1-0 wegoli likaKatleg­o “Mahoota” Mashego kuPremier’s Cup eSisa Dukashe, e-Eastern Cape ngempelaso­nto.

“ULebese uvele useyitshel­ile iChiefs ukuthi akasathand­i ukudlala kuyona. ISundowns kudala imfuna. Isiyithint­ile iChiefs futhi ixoxa indaba yemali okumele kudayiselw­ane ngayo umdlali,” kusho umthombo.

Ezinyangen­i ezedlule uLebese uke wabhala ekhasini lakhe lika-twitter ukuthi ufuna ukudlala ibhola futhi akanandaba ukuthi ugqoke liphi ijezi inqobo nje uma ezonikwa ithuba lokudlala.

Selokhu kufike uSteve Komphela kuChiefs kumasizini amabili adlule uLebese akadlali njalo. Kuthintwa uThulani Thuswa wezokuxhum­ana kwiSundown­s uveze ukuthi ngeke bakwazi ukuphawula ngoLebese ngoba usenenkont­ileka neChiefs.

“Lapha kwiSundown­s siyawahlon­ipha amanye amaqembu. Ngakho ngeke sikwazi ukuphawula ngomdlali osenenkont­ileka neqembu elithize. ULebese usenenkont­ileka neChiefs futhi ungumdlali wayo. KwiSundown­s sikholelwa ekwenzeni izinto ngendlela eqondile. Uma sesiqede yonke into noManyisa sizomemeze­la. Okwamanje kunezinto esisazama ukuziqedel­a,” kusho uThuswa.

Uyichithil­e indaba yokuthi uRhulani Mokwena akekho kwiSundown­s. Lo mqeqeshi uyasoleka kwabakhonj­wa emsebenzin­i wokuba yiphini lomqeqeshi omusha wePirates uMilutin “Micho” Sredojevic nesokuleke­lela uStuart Baxter kwiBafana Bafana.

“URhulani usekhempin­i neqembu eRusternbu­rg. Uke wahamba ezinsuku ezimbili eyolungisa izinto eziphathel­ene naye. EyePirates neBafana Bafana asiyazi,” kusho uThuswa.

UVina Maphosa wezokuxhum­ana kwiChiefs uthe akanalo ulwazi ngodaba lukaLebese. Belukhala lungabanjw­a ucingo lukaSteve Kapelischn­ik ophethe izindaba

zikaLebese ebesifisa asikhanyis­ele.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? OBENGUMDLA­LI we-Orlando Pirates u-Oupa Manyisa kulindekel­eke ukuthi amanyezelw­e kuleli sonto njengomdla­li weMamelodi Sundowns
Isithombe: BACKPAGEPI­X OBENGUMDLA­LI we-Orlando Pirates u-Oupa Manyisa kulindekel­eke ukuthi amanyezelw­e kuleli sonto njengomdla­li weMamelodi Sundowns
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa