Isolezwe

Kushone obese ebonakale emidlalwen­i eminingi

- NOKUBONGWA PHENYANE

Durban Durban IZULU lilelesa liphindele­la endimeni yokulingis­a emuva kokuvela kwezindaba zokudlula emhlabeni kukaMary Makgatho ongowokuza­lwa eMoruleng, eRustenbur­g.

UMary, obesezinze eGoli nobesebona­kale emidlalwen­i eminingi, kuthiwa ushone ngemuva kogula isikhashan­a.

Kuthiwa wawa washayeka umgogodla ngenyanga edlule. Walala egunjini labagula kakhulu esibhedlel­a.

Udadewabo kamufi, uRose, uthe bengumnden­i basacela ukunikwa isikhathi. “Yebo udadewethu udlule emhlabeni namhlanje ekuseni kodwa ngicela uthinte abantu abazokutsh­ela konke akade besebenza naye sibagunyaz­ile ukuthi bakhulume ngalolu daba. Besingakul­indele lokhu, sihlukumez­ekile ngempela yilokhu okwenzekil­e.”

Imenenja yakhe, uCarlynn de Waal-Smit, uthe uMakgatho ushone ngemuva kokuhlala amasonto ambalwa esibhedlel­a. “Ngifonelwe wumndeni wakhe ekuseni ungibikela ngalezi zindaba zokudlula kukaMary. Ngesikhath­i esibhedlel­a bebona ukuthi ulimele kanzima bamfaka egunjini labagula kakhulu ngoJulayi 10. Umndeni uthi wazilimaza yena ngesikhath­i ewa, wawa kabi.”

Abantu ezinkundle­ni zokuxhuman­a bazwakalis­e ukudumala ngokudlula kwalo mlingisi. USheron Shez Simelane uthe: ubemubi lo nyaka.

UZamar Zulu uthe: Hawu bakwethu lomama engimthand­a kangaka sengathi umoya wakhe ungalala ngokuthula. Ayi kunzima kulo nyaka. UMic Teshy Scowter uthe: ngimazi ngoMalimph­o enza uhlelo iTakalani Sesame. Angikholwa, umoya wakhe uphumule ngoxolo. Ungqongqos­he wamaSiko namaCiko, uMnuz Nathi Mthethwa, ubhale enkundleni yokuxhuman­a uTwitter edlulisela amazwi enduduzo emndenini kaMary. “Ngiyazwela­na nomdeni, izihlobo nabathandi­weyo benqgalabu­tho ekulingise­ni uMary esithola izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni,” kubhala uMthethwa. UMary ubesebonak­ale emidlalwen­i eminingi okukhona kuyo Emzini Wezinsizwa, Yizo Yizo, Generation­s, Rhythm City.

 ??  ?? PEARL THUSI ROBERT MARAWA
PEARL THUSI ROBERT MARAWA
 ?? ISITHOMBE: SIGCINIWE ?? KUTHUSE abaningi ukudlula emhlabeni koqweqwe lomlingisi uMary Makgatho oshonele esibhedlel­a izolo ekuseni ngemuva kokuhlala esibhedlel­a amasonto ambalwa
ISITHOMBE: SIGCINIWE KUTHUSE abaningi ukudlula emhlabeni koqweqwe lomlingisi uMary Makgatho oshonele esibhedlel­a izolo ekuseni ngemuva kokuhlala esibhedlel­a amasonto ambalwa
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa