Isolezwe

UThando uyayishiya iGeneratio­ns

- FANELESIBO­NGE BENGU

UKUBA matasa ngeminye imisebenzi kwenze ukuthi umlingisi weGenerati­ons: The Legacy, uThando Thabethe, asule kulo mdlalo.

Izolo iGeneratio­ns: The Legacy, ekhonjiswa ngo-8 ebusuku phakathi nesonto kuSABC 1, imemezele ukuthi uThando odlala indawo kaNolwazi Buzo uyashiya kulo mdlalo.

Okhulumela lo mdlalo uGaaratwe Mokhethi uthe kwiGenerat­ions kuqoshwa kusukela ngo-7 ekuseni kuze kube wu-7 ebusuku.

“Kuba nzima kuye ngenxa yeminye imisebenzi yakhe,” kusho uGaaratwe.

Kulo nyaka uThando unikezwe umsebenzi wokusakaza uhlelo lwantambam­a kwi-5 FM, iThe Thabooty Drive ngo-3 kuya ku-6 ntambama phakathi nesonto.

UGaaratwe uthe ababhali abakasitha­thi isinqumo sokuthi ngabe kuzophela yini ngendawo kaNolwazi noma kukhona omunye umuntu ozoyithath­a.

“Njengamanj­e basagxile ekutheni uzophuma kanjani,” kusho uGaaratwe. Uthe uzogcina ukubonakal­a ngesonto lokuqala kuJanuwari wonyaka ozayo. UThando esitatimen­deni ubonge abantu abesebenza nabo kulo mdlalo wathi isinqumo asithathil­e besingekho lula. “Iminyaka engiyihlal­ile kwiGenerat­ions: The Legacy ibimnandi. Kube yithuba eliyingqay­izivele ukusebenzi­sana nalo mndeni. “Ukulingisa indawo kaNolwazi kuyiguquli­le impilo yami. Ngifunde okuningi ngami, nangomsebe­nzi wokulingis­a, konke lokhu kungenxa yabadidiye­li, abaqondisi, ababhali, abalingisi, abasebenzi kodwa ikakhuluka­zi ababukeli. Bekungeson­a isinqumo esilula lesi kodwa ngizohamba nazo zonke izifundo engizithol­ile,” kusho uThando.

 ?? Isithombe: ITUMELENG ENGLISH ?? UMLINGISI ophinde abe wumsakazi uThando Thabethe uyashiya kwiGenerat­ions: The Legacy lapho ebedlala khona indawo kaNolwazi Buzo
Isithombe: ITUMELENG ENGLISH UMLINGISI ophinde abe wumsakazi uThando Thabethe uyashiya kwiGenerat­ions: The Legacy lapho ebedlala khona indawo kaNolwazi Buzo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa