Isolezwe

UMarawa uqinisekis­e eyokugqabu­ka kwegoda phakathi kwakhe noPearl

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMETHULI wezinhlelo zemidlalo, uRobert Marawa, uthi umemezele ngokuhluka­na kwakhe noPearl Thusi ngoba kukhona abantu abebemthin­ta bemazisa uma bembona ephumile.

“Sekuphelil­e ngoba abantu bebecabang­a ukuthi uma bebona umuntu ephume esebenza, noma eshutha noThiery (Henry) noma nabantu beNBA kumele bangazise. Engikushoy­o wukuthi abame kancane ngokungith­inta, akusho lutho kimina,” kusho uMarawa.

UMarawa ubekhuluma ohlelweni i-East Coast Breakfast kaDarren Maule kwi-East Coast Radio izolo ekuseni.

Ubuye wabhala ngeSonto ebusuku eqinisekis­a amahlebezi okuthi ubudlelwan­o bakhe noPearl buphele ezinyangen­i ezimbalwa ezedlule. Uthe sebengaban­gani.

Imizamo yokuthola uPearl ayiphumele­langa njengoba owesifazan­e obambe ucingo ethe uPearl akasayiseb­enzisi inombolo ashayelwe kuyo. Enye inombolo ibikhala ingabanjwa futhi nomqhafazo othunyelwe kuyo awuphendul­wanga.

UMarawa uthe ukhululeki­le emoyeni. Uthe akakhulumi ngezindaba zakhe.

“Ngivikela uhlangothi lwami ngoba ngokuhamba kwesikhath­i kukhona umuntu ozokhuluma ngento engekho,” kusho uMarawa.

Uthe impilo iyaqhubeka, akuxatshen­we.

Uqhube wathi: “ULuther Vandross ngesikhath­i kukhona ombuza ukuthi uyisitaban­e yini wathi, “into engikukwel­eta yona yithalente lami”. Nami into engiyikwel­eta abantu baseNingiz­imu Afrika engikwenza emsakazwen­i nakuthelev­ishini. Okunye angikukwel­eti muntu.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa