Isolezwe

Kuzocaca namuhla ngekusasa likaZuma

- MHLENGI SHANGASE

OLWAMANQAM­U namhlanje kuMengamel­i Jacob Zuma njengoba ikusasa lakhe lilele emalungwin­i e-ANC angu-249 azovotela ukuthi achithwe noma aqhubeke nokuba ngumengame­li wezwe.

Izolo, uSomlomo wePhalamen­de uNksz Baleka Mbete unqume ukuthi ukuvota kuzoba ngokuyimfi­hlo njengoba amaqembu aphikisayo abefuna.

“Ngisibheki­sisile lesi simo ngezwa nezikhalo zabantu kanye nezinhlang­ano ezizimele ngase nginquma ukuthi ivoti libe yimfihlo. Lesi sinqumo ngisithath­e ngoba ngicabange­la izwe,” kusho uNksz Mbete.

Umbuzo omkhulu ngowokuthi ngabe uZuma uzophuma embusweni noma uzophinde aphunyuke futhi njengoba esephunyuk­e izikhawu eziyisikho­mbisa?

Ukukhishwa kukaZuma esikhundle­ni kuyosho ukuthi kumele kukhethwe umengameli ngokushesh­a.

Lolu hlelo kumele lwenziwe ngemuva kwezinsuku ezingu-30 kuvotiwe njengoba uSomlomo ezoba eyibamba likamengam­eli.

Uma kugcina ngokuthi kungakheth­wa umengameli omusha lokho kuyosho ukuhlakazw­a kwePhalame­nde bese kubizwa ukhetho ngokushesh­a.

Ukukhishwa ngevoti kukaZuma kuyosho ukuthi isigungu sakhe soNgqongqo­she naso kumele sishenxe.

Ngokombiko weBusiness Report enguzakwab­o weSolezwe, ngesikhath­i kumenyezel­wa ukuthi leli voti lizoba yimfihlo irandi lisimeme laba ngu-R13.24 uma liqhathani­swa ne-dollar kanti kwipound libe ngu-R17.35, kwathi uma liqhathani­swa ne-euro laba ngu-R15.74.

Umhlaziyi wezepoliti­ki uMnuz Protas Madlala, uthe mancane amathuba okuthi uZuma uzokhishwa esikhundle­ni.

Uthe izibalo aziwavuni amaqembu aphikisayo, abukeka kwawona ehlukene phakathi.

“Uma ubheka i-APC kaThemba Godi namanye amaqembu awayingeni eyaleli voti. Ukuze uZuma akhishwe kumele wonke amaqembu aphikisayo abe khona ePhalamend­e avotele ukuthi uZuma ahambe kuphinde kube namalungu angu-60 e-ANC azokweseka lesi siphakamis­o,” kusho uMadlala.

UDkt Bheki Mngomezulu, weMzala Nxumalo, uthe mancane amathuba okuthi uZuma aphume ngoba amaqembu aphikisayo awahlangen­e. “Amaqembu aphikisayo angu12 kudingeka wonke abe khona. Uma ubheka amane awahambisa­ni nokukhishw­a kukaZuma ngakho aseyashaye­ka aphikisayo. Ayikho into emthethwen­i ebiphoqa uMbete ukuthi avume kuvotwe ngokuyimfi­hlo ukwenze lokhu ngoba evikela isithunzi sakhe njengoba ehlale esolwa ngokuthi uchemile,” kusho uMngomezul­u. Uthe ukuvota ngale ndlela kuzovala isahluko kulolu daba. “Uma amaqembu aphikisayo ekhala ngaphansi ngeke aphinde ayikhulume eyokuchith­a uZuma ngoba azobe ehlulekile. Akulula futhi ukubona ukuthi amalungu avote kanjani ngakho akusekho ukwesaba kumalungu e-ANC angeneme.” Uthe uma uZuma ekhishwa uNksz Mbete angaba nethuba lokuphatha izinsuku ezingu-30.

 ?? Isithombe: REUTERS ?? UPHUNYUKA bemphethe, ngabe uMengameli Jacob Zuma uzophunyuk­a yini namhlanje ekuchithwe­ni ngevoti amaqembu aphikisayo
Isithombe: REUTERS UPHUNYUKA bemphethe, ngabe uMengameli Jacob Zuma uzophunyuk­a yini namhlanje ekuchithwe­ni ngevoti amaqembu aphikisayo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa