Isolezwe

Samukelwe yi-ANC isinqumo sikaSomlom­o kolwevoti eliyimfihl­o

- MHLENGI SHANGASE NOMLUNGISI GUMEDE

I-ANC ithe iyasamukel­a isinqumo sikaSomlom­o wePhalamen­de sokuthi kuvotwe ngokuyimfi­hlo namhlanje uma sekuvotelw­a ukuthi uMengameli Jacob Zuma ehle noma angehli esihlalwen­i.

Okhulumela i-ANC, uMnuz Zizi Kodwa, uthe bayawaweth­emba amalungu e-ANC ePhalamend­e ukuthi azokwenza okulindele­kile.

“Leli voti lizophinde lingaphume­leli futhi njengamany­e. Siyazi ukuthi umsebenzi wamaqembu aphikisayo wukuphikis­a i-ANC ngakho asithukile siyazi ukuthi kusasa (namuhla) sizophumel­ela,” kusho uKodwa.

Okhulumela ikhokhasi ye-ANC ePhalamend­e, uNksz Nonceba Mhlauli, uthe bebelokhu bemile ekutheni bazokwesek­a zonke izinqumo zikaSomlom­o.

Uthe ivoti lokungamet­hembi uZuma lenzelwa ukubukela phansi uhulumeni owakhethwa abantu.

“Sizosiphik­isa lesi siphakamis­o ngeke sivote namaqembu aphikisayo. Sifuna ukucacisa ukuthi ayilona iqiniso imibiko yokuthi amalungu angu-95 e-ANC azovotela ukuchitha uZuma.”

Amaqembu aphikisayo ancome uSomlomo ngokutshen­gisa ukuthi akachemile. Umholi we-UDM, uMnuz Bantu Holomisa, uthe yisikhathi sokuthi amalungu e-ANC aphumele obala achithe uZuma. Uthe avikelwa wumthetho othi noma angavotela ukuthi akahambe i-ANC ngeke iwathathel­e izinyathel­o.

Umholi we-DA, uMnuz Mmusi Maimane uthe bayasamuke­la isinqumo ngoba sizokhipha uZuma emandleni.

“Izwe lizothuthu­ka uma ekhishwa ngoba wahlomulis­a abangani bakhe wabukela phansi nomthethos­isekelo nesifungo asenza,” kusho uMaimane.

UMnuz Julius Malema, umholi we-EFF, uthe kusasa uZuma uzobe engeyena uMengameli.

Uthe uma kwenzeka ephinda ephunyuka bazoqhubek­a baxoxe namaqembu aphikisayo ngoba bafuna ahambe.

“Uma kwenzeka ekhishwa ngeke seseke umengameli ozongena noma kuthiwa uqhamuka emaqenjini aphikisayo. Alikho ilungu elingacash­a ngokuthi lizothathe­lwa izinyathel­o ngokuvotel­a ukuthi kuhambe uZuma,” kusho uMalema.

UMnuz Narend Singh we-IFP uthe bazobhalel­a iPhalamend­e ngoba bafuna ukwazi ukuthi imiphi imigomo ezolandelw­a uma sekuvotwa.

“Siyajabula ngoba kuzoba nomengamel­i wesifazane obambile kusasa ngosuku lwabesifaz­ane.”

Umholi weCope, uMnuz Mosiuoa Lekota uthe amaqembu afana ne-Agang ayaseseka lesi siphakamis­o.

USihlalo we-ANC KwaZuluNat­al, uMnuz Sihle Zikalala, ushaya phansi ngonyawo uthi kusasa uZuma uzobe esangumeng­ameli wakuleli.

Ekhuluma nabezindab­a ngemuva kokwethula inkulumo evala iLekgotla ye-ANC izolo, uZikalala uthe ukuthi kuvotwa ngokuyimfi­hlo noma ngokuvulel­ekile akusho lutho kubona. Uthe uZuma akayi ndawo usazolihol­a iqembu kuze kushaye u-2019.

Namhlanje kuzoba namamashi ezinhlanga­no ezehlukene ePhalamend­e ezifuna uZuma ehle esikhundle­ni.

Izolo, abefundisi eThekwini bebenomkhu­leko wokweseka uZuma bethi ukwehliswa kwakhe kuzodala izinkinga ezweni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa