Isolezwe

Basathukil­e eMbongolwa­ne

- KHULEKANI MASEKO Ebika eseMbongol­wane

SUNGAZE ubulale abantu bakwenu pho ngesihluku esingaka, ubashise bangqongqe?”

Lawa ngamazwi elinye lamalungu omndeni wakwaNtsha­ngase ebelibalis­a izolo ngesikhath­i Isolezwe lihambele imindeni yabangqong­qiswe ngomlilo ezintathak­usa zangeSonto, eMatini, eMbongolwa­ne.

Ubusungaph­ika ukuthi kulo muzi bekufinywa ngendololw­ane ngempelaso­nto njengoba usizi belubhalwe emehlweni kumalungu omndeni, kumapeketw­ane oMnuz Doda Ntshangase (71), Gama Ntshangase (44) bashe baba ngumlotha ngesikhath­i kushiswa indlu abebelele kuyo, kwathi uMnuz Bongani Bhengu (35) wadutshule­lwa ngasesibay­eni salo muzi ezama ukubaleka.

UNkk Nomanganga Ngonyama ongudadewa­bo kaDoda omdala, uthe okwehlele amalungu omndeni wabo kusabethus­ile.

“Ngaphambi kokuba omunye wabafana athathwe ayiswe esibhedlel­a, ubashilo abenze le nto. Kubuhlungu ngoba umfowethu ufe ngesandla somuntu wakhona emndenini. Kodwa sesiyekele emaphoyise­ni ukuthi enze umsebenzi wawo,” kusho uNkk Ngonyama.

Nasemzini wakwaNtsha­ngase esigodini saseMphund­umane, kubo kaMnuz Gama Ntshangase, bekuwusizi. UNksz Lihle Ntshangase oyindodaka­zi kamufi, uthe bebethembe­le kuyise. “Ubaba ubebamba amatoho enza isiqinisek­o sokuthi mina nogogo silala sidlile. Siyaqala ukwenzeka isigameko esinjena kule ndawo sigcina ngokusizwa ngendaba,” kusho uNksz Ntshangase

UNkk Ntombiyedl­ozi Ntshangase obenzele umyeni wakhe umsebenzi, uthe namanje akukavumi nokuthi akhulume ngenxa yokwethuka.

“Abebehlase­la baqale ngokukhiph­a izibani ebezikhany­a emnyango. Ngizwe kuqhuma isibhamu esiqhume kaningi kwathi uma siphuma sabona indlu ebilele abesilisa igqamuka amalangabi. Ngizwe omunye obekhala esibayeni ebiza obehlasela ngegama,” kuchaza uNkk Ntshangase.

Uthe akekho oyilungu lomndeni wakhe oshonile kulesi sigameko kodwa amadodana amabili akhona okungoMnuz Njabulo noNkanyiso Ntshangase asesimeni esibucayi esibhedlel­a.

UNkk Zazini Bhengu ongunina kaBongani uthe akuvumi ngisho adle ngenxa yobuhlungu benhliziyo. “Besihambe naye ngoba bekunomseb­enzi kamfowethu. Ngifike kuye esaphefumu­la kodwa engasakwaz­i ukukhuluma. Inhliziyo yami ibuhlungu kakhulu ngoba bese besele bebathathu kuphela ezinganeni ezingu-7 ebenginazo,” kubalisa uNkk Bhengu.

Phambilini ilungu lomndeni elikhulume neSolezwe lisole umbango wobukhosi ngalesi sigameko.

Kuthintwa inkosi, uMnuz Xolani Ntshangase, ithe: “Akukho engizokukh­uluma nani. Bekumele ningithint­e ngaphambi kokushicil­ela udaba. Qhubekani nalowo onitshele ukuthi lesi sigameko ngesombang­o.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa