Bebedlala ngokulumisa abantu ngezinja
UBUFAKAZI obukhonjiswa ngamaselula amaphoyisa ophiko lwezinja aseNtshongweni, acela ibheyili ecaleni lokwesabisa indoda eyawavulela icala lokuthi ayisasazela ngezinja, buveza ukuthi bekuwumdlalo wawo ukulumisa abantu ngezinja.
Lokhu kuvezwe uMnuz Phumlani Ngcobo oyiPrincipal Investigation Officer kwi-Ipid ngesikhathi kulalelwe isicelo sokuthi oConstable Bhekani Dladla, Sipho Masango noMusawenkosi Khwela bakhululwe ngebheyili.
Amaphoyisa asolwa ngokusabisa uMnuz Mthokozisi Mchunu ngokuthi uma engalesuli icala, azomdubula.
Abekwe amacala amathathu – elokushaya ngenhloso yokulimaza, elenkohlahlalo nelokusabisa. UDladla noMasango bangaphandle ngebheyili ecaleni lokushaya ngenhloso yokulimaza nenkohlakalo.
UNgcobo utshele inkantolo yemantshi ePinetown izolo ukuthi iselula kaKhwela iqopha zonke izinkulumo. Kulesi zinkulumo kukhona lapho ezwakala ekhuluma noDladla behleka indlela abalumise ngayo ngezinja abantu abathile.
Uthe kule selula zingaphezulu kuka1 700 izinkulumo eziqoshiwe kodwa abakazicubunguli zonke.
Ngaphandle kwalezi zinkulumo uthe kunezithombe zabantu abalunywe yizinja kusukela ngo-2013 ezingcingweni zamaphoyisa.
Utshele inkantolo ukuthi abasolwa akumele badedelwe ngebheyili ngoba bangaba yingozi kofakazi. NngoMeyi kwabulawa ufakazi wenkantolo uNksz Lungi Ncobela.
UNksz Ncobela, oyisihlobo sikaMchunu, kuthiwa nguye owafakela amaphyisa imali ukuze akhulule uMchunu, ababembophele ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni necomputer box.
Engxoxweni eqoshiwe ocingweni lukaKhwela, uNgcobo uthe kuyavela ukuthi kukhona okwaziwa yilawa maphoyisa ngokufa kukaNksz Ncobela.
“Abamangalelwa bathi uMchunu waboshwa ePinetown ngo-10 ebusuku kodwa ubuchwepheshe obufakwe ezimotweni bukhomba ukuthi ngaleso sikhathi izimoto zabo zazimile futhi uMchunu waboshwa kwaDabeka. Kuyacaca ukuthi abamangalelwa ubugebengu babenza becashe ngomsebenzi,” kusho yena.
Uthe abantu abangaba wofakazi bombuso sebeyesaba ngoba uNksz Ncobela wabulawa.
Omunye athe wabulawa ngesihluku ngemuva kokutshela abezindaba ukuthi walunyiswa ngezinja abamangalelwa, nguMnuz Sibongiseni Ntinga.
Ukulalelelwa kwebheyili kuhlehliselwe uLwesihlanu. “UMchunu wayengeyedwa ngesikhathi belunyiswa ngezinja kodwa ayenaye akafuni ukwenza isitatimende ngalokhu uthi uyesaba,” kusho uNgcobo.