Isolezwe

UZikalala uvikela uDlamini Zuma

- MLUNGISI GUMEDE

USIHLALO we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala ukhwele wadilika kulabo abathi uDkt Nkosazana Dlamini Zuma akangakhet­helwa esikhundle­ni sikamengam­eli ngoba nakhu wayeshade noMengamel­i Jacob Zuma.

Ethula inkulumo yakhe ngesikhath­i evala i-lekgotla ye-ANC yaKwaZuluN­atal eCoastland­s Hotel, eThekwini, izolo, uZikalala uthe kwaKhongol­ose abaholi abakhethwa ngoba nakhu kuthiwa basuka kumuphi umndeni noma basondelen­e nobani kodwa bakhethwa ngenxa yomlando, amava neqhaza labo emzabalazw­eni.

“Labo abathi uDlamini Zuma akumele akhethwe njengomeng­ameli benza iphutha futhi babuka izinto bazihlanek­ezele. Kwa-ANC sikhetha abantu ngokwesiqu sabo hhayi ngokuthi basondelen­e nobani, uma kunjalo kungani singashong­o ukuthi ngeke size simkhethe uMnuz Thabo Mbeki esikhundle­ni sikamengam­eli ngoba uyise uMnuz Govan Mbeki wayengumen­gameli,” kusho uZikalala.

Uthe ngeke baze bakhethe umholi ngoba nakhu befuna ukujabulis­a izitha ezilwisana nomzabalaz­o ikakhuluka­zi ongxiwanku­lu.

Uthe umholi ofunwa ngongxiwan­kulu kumele azingabaze ukuthi uyiqabane langempela.

UZikalala uthe amagatsha e-ANC azonquma ukuthi afuna ukuholwa ngubani engqungqut­heleni kaDisemba.

“Sizowahlal­isa amagatsha lapha eKZN bese eyanquma ukuthi afuna ukuholwa ngubani, thina njengobuho­li besifundaz­we sizobe sesithatha umbono wawo siwudayise­le amanye amagatsha kwezinye izifundazw­e ezweni lonke,” kusho uZikalala.

Uthe ngeke baze balawulwe ngamaqembu aphikisayo ukuthi kumele bahole kanjani.

UDkt Dlamini Zuma ubanga isikhundla sikamengam­eli noMnuz Cyril Ramaphosa.

Bakhona nabanye abaholi be-ANC absigaqele lesi sikhundla kubalwa kubo uDkt Zweli Mkhize, uMnuz Jeff Radebe, uNksz Lindiwe Sisulu noMnuz Mathews Phosa.

 ??  ?? UDKT Nkosazana Dlamini Zuma okukhona abakhalayo ngaye abathi akumele akhethwe kwesikamen­gameli ngoba wayeshade noMengamel­i Jacob Zuma
UDKT Nkosazana Dlamini Zuma okukhona abakhalayo ngaye abathi akumele akhethwe kwesikamen­gameli ngoba wayeshade noMengamel­i Jacob Zuma

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa