Isolezwe

Akaxoshwa ngani uMduduzi Manana esikhundle­ni?

- MHLENGI SHANGASE

SIGXEKWE nxa zonke isenzo sePhini likaNgqong­qoshe lezeMfundo ePhakeme kuzwelonke, uMnuz Mduduzi Manana neqembu abehamba nalo sokushaya abesifazan­e baze bakhunyulw­e izinwele zokufakelw­a eCubana, eFourways, eGoli ngeSonto.

Nakuba uManana egcine exolisile ngalesi senzo kodwa kushone elayizolo ikhula ingcindezi yokuthi akhonjwe indlela kuhulumeni ngoba akasona isibonelo esihle. Ubegxekwa ngokuthi njengomhol­i bekumele angayenzi into efuze le ikakhulu njengoba kuyinyanga yabesifaza­ne.

I-EFF, PAC, ANC, uphiko lwabesifaz­ane lwe-ANC, i-ANC Youth League, DA, NFP, ikhomishin­i yezobulili basigxekil­e isenzo sikaManana.

Kuthiwa kube nengxabano phakathi kwakhe nabesifaza­ne abathathu abebehambe­le le ndawo ngemuva kokuthi omunye wabo embize ngesitaban­e.

UNksz Mandisa Duma (30), ovule icala lokushaywa nguManana, uthe bebehleli eduzane netafula uManana abekulo nabangani bakhe kukhulunyw­a ngokuthi ngubani ongase abe ngumengame­li we-ANC olandelayo ngesikhath­i uManana ethi ufuna ukuphawula.

Uthe umzala wakhe ukhiphe iselula efuna ukushutha i-video kodwa umngani kaManana wamtshela ukuthi angayishut­hi.

“Umzala uthe uMduduzi okumele anqabe ukuthi ashuthwe, wanqaba uManana wayibeka iselula. Uphenduke wabuza ukuthi singobani nokuthi kungani sihleli nabo wabiza abaqapha le ndawo ukuthi bazosikhip­ha. Bese sisukumile sesihamba, umzala wambiza ngesitaban­e wase emshaya ngempama, wamkhahlel­a wamdonsa nangezinwe­le,” kusho uNksz Duma.

Uthe bamkhahlel­ile naye, bamshaya bamdonsa nangezinwe­le, kwathi umngani wakhe obezama ukusiza bamphushel­a kude.

Uqhube wathi ngesikhath­i kwenzeka lokhu abaqaphi bebezibuke­le bengenzi lutho.

Uvule icala esiteshni samaphoyis­a iDouglasda­le.

UManana, esitatimen­deni, uxolisile kuNksz Duma, emndenini wakhe, kubantu bakuleli nakuhulume­ni ngesenzo sakhe. “Lesi sehlo esimbi bekungamel­e senzeke. Ngiyazi engikwenzi­le, nalabo ebengihamb­a nabo kuphathe kabi abantu abaningi. Njengomhol­i, bekumele ngingenzi into enje. Ngizobambi­sana nabomtheth­o,” kusho uManana.

Uthe kukhona abavule ikhasi elingumkok­otelo ezinkundle­ni zokuxhuman­a elimveza njengomunt­u ongazisoli ngakwenzil­e elingcolis­a negama lakhe.

“Uma isikhathi sesifikile ngizoya ngiyoxoxa noNksz Duma nomndeni wakhe ngixolise. Ngizohlang­ana ne-ANC, kanjalo noMengamel­i Jacob Zuma ngiyochaza ngokwezenk­ile,” kusho uManana.

UZuma uthe ukhathazek­ile ngezinsolo zokushaywa kwabesifaz­ane okuthiwa kwenziwe nguManana.

Okhulumela uZuma, uDkt Bongani Ngqulunga, uthe unethemba ukuthi umthetho uzothatha indawo yawo njengoba noNgqongqo­she wamaPhoyis­a, uMnuz Fikile Mbalula, ethe amaphoyisa ayasipheny­a lesi sehlakalo.

 ??  ?? MDUDUZI MANANA
MDUDUZI MANANA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa