Kunqobe owe-ANA kowezithombe
UMTHWEBULI we-African News Agency (ANA) uPhendulwazi “Phando” Jikelo uklonyeliswe emkhakheni weTop News kwi-Andrei Stenin International Press Photo Contest.
UPhando unqobe ngomsebenzi wakhe, iGrabouw Housing Protest kanti ubengenele nabanye abangu-5000 abebesuka emazweni angu-76.
Le miklomelo ibihlelwe abeRossiya Segodnya International Information Agency bebambisene nabe-UNESCO.
Usihlalo we-Independent Media, uDkt Iqbal Surve uhalalisele uPhando wathi lo mklomelo uwuphawu lomsebenzi wakhe omuhle.
“Akumele sikhohlwe yizizathu zokuthi wayeyokwenzani eGrabouw ngalolo suku nokuthi kwakuyingozi kangakanani. Ngiyamncoma ngokuba yintatheli eshuthayo engenakho ukwesaba. Njengoba ngilandela izindaba, kule minyaka sengiyakwazi ukubona indlela izintatheli zethu ezisebenza ngayo, uPhando ongomunye wazo. Uneso nenhliziyo engenakho ukwesaba.”
UPhando oneminyaka engu-33, uthe ubengalindele ukunqoba lo mklomelo.
“Lokhu kufike ngesikhathi esikahle empilweni yami nasemsebenzini wami. Angikaze ngicabange ukuthi ngingawina umklomelo osezingeni lemiklomelo yomhlaba. Bengizenzela umsebenzi wami njengoba ngihlale ngenza mihla namalanga njengoba kusuke kwenza abanye abathwebuli abasuke benza imisebenzi yabo. Ngiyajabula ukuthi umsebenzi wami uthole ukunconywa ezingeni lomhlaba nokuthi izindaba zalapha e-Afrika zixoxwe ngabantu baseAfrika. Ngizohlale ngiziphusha ukuthi ngiphumelele kokuningi.”
UPhando wayesebenza kwiCape Times ngesikhathi ethatha lesi sithombe. Umhlei u-Aneez Salie umhalalisele wathi ubalethele ukuhlonishwa ngaphambilini ngokunqoba imiklomelo ngokushutha udaba lwezingane ezihlwempu eziphethe imizi e-Eastern Cape.