Isolezwe

Ukhungathe­kile owesikhung­o sezingane

- PHILI MJOLI

UNQUNYELWE ugwayi katiki owesifazan­e waseMlaza onesikhung­o sezingane ezikhubaze­kile esisemzini wakhe.

UNkk Thokozile Mthuli (76) weMasibamb­isaneni for Children with Disabiliti­es uyalelwe ukuthi akushaye u-Agasti 25 eseziphind­isele emakhaya zonke izingane ezilala emzini wakhe ngoba umthetho awukuvumi lokhu. Uhlala nezingane ezingu-13 kuzona okukhona neziyizint­andane angazi ukuthi uzozishoni­saphi.

Uthe uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i kuzwelonke nenhlangan­o yabakhubaz­ekile, iDisabled Children Action Group, bamshaye ngemfe iphindiwe kade bethi bayamsiza manje sebevale ukuthi izingane zilale emzini wakhe yize bese ezigcine iminyaka.

“Usonhlalak­ahle ophuma kuzwelonke ungenzele ubugebengu ethi uyangisiza ngoba izincwadi enginazo azikuvumel­i ukuthi umuzi wami ube yisikhungo. Ngiqale ngajabula ngizitshel­a ukuthi ngiyasizwa kodwa manje ngibona sengathi bekudlalwa ngami ngoba amaphepha okwathiwa ayolungisw­a wusonhlala­kahle usenqwahe nawo futhi usethi angiphindi­sele zonke izingane emakubo. Angazi ukuthi ezingenaba­zali kumele ngizenzenj­ani,” kusho uNkk Mthuli.

Waqala ukunakekel­a izingane ezikhubaze­kile ngemuva kokushona kwamadodan­a akhe amahlanu ayekhubaze­kile. Uneminyaka engu-30 enalesi sikhungo.

UNkk Kholeka Koko-Mhlahlo, ongusonhla­lakahle obuye abe sophikweni olusungula imigomo eMnyangwen­i wezokuThut­hukiswa koMphakath­i, uthe isikhungo sikaNkk Mthuli nezinye ezimbili kulesi sifundazwe zaqokwa ukuthi bezwe ngazo amanzi ngobhoko ohlelweni Izingane Kuqala oluphethwe yiphini likaNgqong­qoshe wezokuThut­hukiswa koMphakath­i kuzwelonke, uNkk Hendrieta Bogopane-Zulu.

“Sakhetha izikhungo eziphethwe ngabazali abanezinga­ne ezikhubaze­kile njengesika­Nkk Mthuli. Sifuna ukuqhamuka nendlela ephephile yokugcinwa kwezingane ezikhubaze­kile. Asibabukel­i phansi omama kodwa sifuna ukubasiza bahambisan­e nomthetho okhona manje,” kusho uNkk KokoMhlahl­o.

Uthe isikhungo sikaNkk Mthuli besibhalis­we ngokuthi iMasibambi­saneni Day Care Centre. Izingane bezifunda emini ebusuku zilale kuwo lo muzi uNkk Mthuli abuye ahlale kuwo nezingane zakhe.

“Ngiwathath­ile amaphepha ngayowalun­gisa ukuze avikeleke. Uma efisa ukushintsh­a umuzi awenze ikhaya lezingane angakwenza. Simsizile ukuthi athole isikhungo esizohlala izingane emini. Sithole ukuthi kunabantu abamqolayo besebenzis­a izincwadi zakhe uma beyofuna imali ezinkampan­ini ezithile,” kusho yena.

Uthe umyeni kaNkk Mthuli ukubeke kwacaca ukuthi ngeke avume ukuthi umuzi wakhe uphendulwe ikhaya lezingane ngoba akanalo elinye ikhaya.

Okunye okwenziwa yilolu hlelo uthe wukuhlanga­nisa umndeni kufundiswe abazali ukuthi bahlale nezingane zabo ezikhubaze­kile bangazifih­li, lubheke nokuthi yiziphi izinkinga ezizovela uma izingane seziphindi­selwe kubazali. Esezishone­lwe ngabazali uthe zizofunelw­a izikhungo ezibhalisi­we ezingafakw­a kuzo.

“Akukho esingakwen­za ngoba izingane ezingenaba­zali sezingaphe­zulu kweminyaka ewu18 asisakwazi ukuthi uNkk Mthuli anikwe ithuba lokuba umzali wazo,” kusho yena.

 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI ?? UNKK Thokozile Mthuli okhala ezimathons­i ngokunquny­elwa ugwayi katiki ukuthi akavale isikhungo sakhe sezingane ezikhubaze­kile esisemzini wakhe
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI UNKK Thokozile Mthuli okhala ezimathons­i ngokunquny­elwa ugwayi katiki ukuthi akavale isikhungo sakhe sezingane ezikhubaze­kile esisemzini wakhe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa