Isolezwe

EGlebe ukufa akukude nabahlali

- NOKUTHULA NTULI

ABESIFAZAN­E nezingane bahlala ehostela eGlebeland­s, eMlaza, eyayakhelw­e amadoda amnyama nguhulumen­i wobandlulu­lo. Yize kubukeka sengathi baphila impilo ejwayeleki­le kodwa eGlebeland­s ukufa akukho kude futhi akekho ophazamise­kayo noma oqalazayo uma kuzwakala ukuqhuma kwesibhamu nokumemeza kwabantu. Ukubuka okwenzekay­o kungasho ukuzibizel­a ukufa.

ISunday Tribune, enguzakwab­o weSolezwe, ivakashele eGlebeland­s, ukukhumbul­a inyanga yabesifaza­ne, ngokukhulu­ma nomama abakhulisa imindeni esimeni esifana nempi.

Kuleli hostela kuthiwa bangaphezu­lu kuka-90 abantu asebebulew­e kusukela ngo-2014 - abesifazan­e okukhuluny­we nabo bathi lesi yisibalo esincane uma uqhathanis­a nesibalo sangempela.

Laba besifazane bagcizelel­e izinsolo zeKhomishi­ni kaMoerane ephenya ngodlame zokuhlanga­na kwamaphoyi­sa nabasolwa.

UNksz Nolwazi Mantombane (okungesilo igama lakhe langempela) odabuka e-Eastern Cape owafika eGlebeland­s ngo-1987 ezofuna umsebenzi eThekwini, uhlale nesinqanda­mathe sakhe kwaze kwaba bayahlukan­a ngo-1994 wabe esezithole­la indlu yakhe.

“Ngesikhath­i ngifika ehostela, abesifazan­e babengavum­elekile ukuba nezindlu zabo. Bekuvunyel­we ukuthi bavakashe ngezimpela­sonto, uboshwe uma utholakala phakathi nezinsuku ehostela. Nami ngangihlal­a ngokucashe­la amaphoyisa kwaze kwaba wu-1992.”

UNksz Mantomane uthe usebone konke eGlebeland­s kanti uyazi ukuthi ukuhloma amehlo phansi nokubheka engxenye yikona okuqinisek­isa ukuthi uphila olunye usuku.

Uthe emuva kokushona kukanina ngo-2005 waphoqelek­a ukuthi alande izingane zakhe ezintathu e-Eastern Cape wazohlala nazo ehostela.

“Ngizizwa ngiyisahlu­leki ngoba akukho engingakwe­nza ukuvikela izingane zami. Ngiyaqwash­a ebusuku ngicabanga ukuthi ngenzenjan­i kodwa asikho isixazulul­o.”

Uthe ukubaleka akusizi ngoba izinkabi ziyakuland­ela ngisho emakhaya.

UNksz Bongekile Mbhele naye odabuka e-Eastern Cape ofike ngo-1990 ngemuva kokutholel­wa ngumzala wakhe umsebenzi, uthe kwakunokut­hula ehostela ingakaqali impi phakathi kweANC ne-IFP ngama-1990s. Uthe isimo saqala ukuba ngcono ngo1997.

“Sasisaba nangaleso sikhathi kodwa bekungcono kunalokhu okwenzeka manje. Akukaze kubulawe abantu abangaka ngisho kusaliwa izimpi zepolitiki. Emuva kokubulawa kwekhansel­a uZodwa Sibiya (ngo- Ephreli 2016) ngabona ukuthi sonke asiphephil­e kule ndawo. Ngagcina ngiyeka umsebenzi ngisaba ukubuya sekuhlwile.”

UNksz Thandeka Mbhele wakwaKhoza ngaseGingi­ndlovu, uthe akusizo zonke izigameko zokubulawa kwabantu ezihlobene nokudayisw­a kwemibhede njengoba kubikwa kwabezinda­ba.

Uthe abanye abagilwa baphuma ezindaweni ezisemakha­ya, lapho kunemibang­o phakathi kwemindeni nezigodi.

“Umbango wemibhede uvulela intuba ukuziphind­iselela kwabanye , akekho ophephile ngisho abesifazan­e bayabulawa.”

Umndeni owondliwa ngowesifaz­ane eGlebeland­s uphila ngemali elinganise­lwa ku-R2000 ngenyanga kanti abaningi bathembele emalini yesibonele­lo sikahulume­ni namatoho.

UNksz Busi Zindela, uthe wagcina ukusebenza ngo-2015 kodwa ngenhlanhl­a izingane zakhe ezimbili zisanda kuthola amatoho kwenye inkampani yokwakha. Yize zingaholi imali enkulu kodwa iyasiza.

Lo wesifazane uhlala nazo zonke izingane zakhe ezinhlanu ehostela nabazukulu abathathu endlini eyakhelwe ukuhlala umuntu oyedwa.

Abane balala embhedeni, abanye bampintsha­ne phansi.

Basebenzis­a ikhishi nendawo yokugeza eyodwa neminye imindeni emithathu, ehlala kwamanye amakamelo.

“Singahamba ehostela uma singathola imali yokuqasha kwezinye izindawo. Okwamanje kungcono ehostela ngoba sikhokha u-R115 ngenyanga bese sifaka uR400 kumasingcw­abisane.”

*Abesifazan­e banikwe amagama okungesiwo awabo ukuze bavikeleke

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa