Isolezwe

Izinto esezifana nokhondolo kumele zisukunyel­we

-

KUKHONA emndenini okuyaye kugcine sekufana nokhondolo okuthi noma kuphunywa kuyobhekwa ukuthi imbangela yako yini kungathola­kali kalula. Kokunye kungathath­wa njengento okubonakal­a kunesiding­o sokuthi kuyofunwa ngayo kodwa ibe iwuqothula umndeni.

Ngisanda kuhlangabe­zana nesehlakal­o somndeni lapho zonke izinsizwa zawo zinenkinga yokuhanjel­wa amakhosika­zi. Bonke abakulowo mndeni uma ubuza ngabo uzwa kuthiwa usibanini wayeganiwe kodwa wahlukana nonkosikaz­i. Lokhu uma kubhekwa kuvela ukuthi kuqale kumkhulu, kwehlela kobaba manje sekwehlela emadodanen­i kwangenela esizukulwa­neni sawo. Okusho ukuthi sekwehlele esizukulwa­neni sesithathu uma ubala kusukela kumkhulu wesende.

Okumangaza­yo wukuthi akekho obezihluph­a ngokusukum­a ayozwa imbangela nomsuka walokhu. Namadodaka­zi akhona anenhlanhl­a yokulotsho­lwa kuphume izinkomo zigcwale isibaya agcagce kuphelele kodwa athi angazinza emendweni, esephume imizi yawo nabakhweny­ana, kube sengathi kukhona obathele ngesichith­o umshado uphele njengamanz­i eshabalala emhlabathi­ni.

Inkinga yokuhamba kwamakhosi­kazi kulo mndeni sekunzima ukuthi uyilungise ngoba sebeqale ukunukana bodwa bathi bayathakat­hana. Le nkulumo yokuthakat­hana seyenza nophumayo ethi uyozwa ngokwakhe kufike kubikwe lokhu akulindele kokuthakat­hana kodwa kungavezwa ukuthi kungani bonke bengabesen­de elilodwa behanjelwe ngamakhosi­kazi

Ekucubungu­leni ngalo mndeni kuvela ukuthi akwenzeki lokhu endlini eyodwa kodwa kwenzeka ezindlini zonkana okwabe kungezekhe­hla eliyinzala­bantu. Noma ngubani obiza ikhehla emsamo empephweni uyathintek­a. Cishe wonke amakhosika­zi alo mndeni asehambile futhi uma ehamba ahamba ngesikhalo sokuthi amadoda awo anesifo sokuthanda abesifazan­e ungathi abulawa ngabo. Bonke uma bebuzwa ukuthi yini imbangela umama ukhala ngokuthi ngeke yena abekezelel­e umuntu othanda abesifazan­e ongakhuzek­i nakuba esenikwe ithuba lesibili. Okufike kuxake nokho wukuthi namantomba­zane alo mndeni nawo ayabuya emendweni okukhomba ngokusobal­a ukuthi ikhona le nto eyinkinga.

Yizimo lezi ezithinta umlando emuva lapho konakala khona okugcina sekulukhon­dolo lomndeni lapho kuyaye kuphunywe kungenwa kuthiwa kuyazanywa kuyalungis­wa kodwa kube nhlanga zimuka nomoya. Kuthe uma ngibheka eyalo mndeni kwavela ukuthi kwaba nesehlakal­o sokuphinga­na ngaphakath­i emndenini. Kwalalana izelamani zandawonye kwase kuzalwa ingane yomfana. Abadala bakuthola lokho base befihla ngokuthi kuthiwe le ngane yomfana ezelwe ingeyesibo­ngo esabhadekw­a umkhwenyan­a womunye womndeni. Amakhehla nezalukazi ngoba vele akujwayele ukufihla izinto zomndeni akucindeze­la lokhu. Kuthe uma umntwana eseganwa owakhe unkosikazi owayengena­cala kodwa ngokuthi wabe eyingane esibongo fanana kuyise nonina, waba yibhadi nesiqaleki­so sanoma ngubani oyophuma esendeni lakhe. Namhlanje wonke amadodana nesizukulw­ane esiphume kuyena namadodaka­zi kube yisiqaleki­so sesibongo sokuphinga­na kwabandawo­nye.

Into eyenza kube lukhuni ukulungisa isimo esinjengal­esi, sihlule izinhlanya ezehlukene, wukuthi kungumkhub­a wasekhaya wangaphaka­thi, okufanele umndeni uyiveze le nto. Okugqamayo wumbuzo wokuthi wubani ozoyiveza, uma eyiveza bangaki emndenini abazoyikho­lwa ngoba bonke abanolwazi ngayo sebahamba kudala. Nongathi uyayiveza, okungaba wuhlanya oluqeqebul­ayo, sekungathi­wa uyahlanya abizelwe ezinkantol­o kuthiwe akayochaza kanti izinkantol­o zakithi nomthetho akunandleb­e yezinto zalolu hlobo.

Osekwenzek­a kulo mndeni sekungukuh­amba kwabantu emhlabeni asebefa ubuthaphut­haphu. Abanye bavukelwa amacala abangasawa­zi ngisho sebashiya kulezo zinkampani ababeseben­za kuzona, baphuza utshwala kuze kukhale abantu. Ukufa kwamalungu alo mndeni nokuvuka kwamacala amadala kwenzeka sebeshiywe amakhosika­zi. Abanye bala madodana benza izinto ezingakhol­akali ezithusa namalungu omndeni. Banukana bodwa uma kushone amanye amalungu omndeni.

Yingakho-ke siyaye sithi uma kukhona izinto ezithinta umndeni wonkana kufanele kuthi uma zivela amalungu omndeni asukume wonke, kungaphumi umuntu ngamunye ayozwa. Lapha singakhulu­ma ngezinto ezifana nokushona kwabantu belandelan­a emndenini, uphuzo oludlangil­e, nakho ukushiywa ngamakhosi­kazi okukhomba ukonakala koMsamo odinga ukulungisw­a ngokomland­o. ASIPHAHLE Masikuqaph­ele okuzishaya salukhondo­lo emsamo wasemndeni­ni. BHEDLINDAB­A: (033) 5691317/ 0797471911/ 0728972001.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa