Izinto esezifana nokhondolo kumele zisukunyelwe
KUKHONA emndenini okuyaye kugcine sekufana nokhondolo okuthi noma kuphunywa kuyobhekwa ukuthi imbangela yako yini kungatholakali kalula. Kokunye kungathathwa njengento okubonakala kunesidingo sokuthi kuyofunwa ngayo kodwa ibe iwuqothula umndeni.
Ngisanda kuhlangabezana nesehlakalo somndeni lapho zonke izinsizwa zawo zinenkinga yokuhanjelwa amakhosikazi. Bonke abakulowo mndeni uma ubuza ngabo uzwa kuthiwa usibanini wayeganiwe kodwa wahlukana nonkosikazi. Lokhu uma kubhekwa kuvela ukuthi kuqale kumkhulu, kwehlela kobaba manje sekwehlela emadodaneni kwangenela esizukulwaneni sawo. Okusho ukuthi sekwehlele esizukulwaneni sesithathu uma ubala kusukela kumkhulu wesende.
Okumangazayo wukuthi akekho obezihlupha ngokusukuma ayozwa imbangela nomsuka walokhu. Namadodakazi akhona anenhlanhla yokulotsholwa kuphume izinkomo zigcwale isibaya agcagce kuphelele kodwa athi angazinza emendweni, esephume imizi yawo nabakhwenyana, kube sengathi kukhona obathele ngesichitho umshado uphele njengamanzi eshabalala emhlabathini.
Inkinga yokuhamba kwamakhosikazi kulo mndeni sekunzima ukuthi uyilungise ngoba sebeqale ukunukana bodwa bathi bayathakathana. Le nkulumo yokuthakathana seyenza nophumayo ethi uyozwa ngokwakhe kufike kubikwe lokhu akulindele kokuthakathana kodwa kungavezwa ukuthi kungani bonke bengabesende elilodwa behanjelwe ngamakhosikazi
Ekucubunguleni ngalo mndeni kuvela ukuthi akwenzeki lokhu endlini eyodwa kodwa kwenzeka ezindlini zonkana okwabe kungezekhehla eliyinzalabantu. Noma ngubani obiza ikhehla emsamo empephweni uyathinteka. Cishe wonke amakhosikazi alo mndeni asehambile futhi uma ehamba ahamba ngesikhalo sokuthi amadoda awo anesifo sokuthanda abesifazane ungathi abulawa ngabo. Bonke uma bebuzwa ukuthi yini imbangela umama ukhala ngokuthi ngeke yena abekezelele umuntu othanda abesifazane ongakhuzeki nakuba esenikwe ithuba lesibili. Okufike kuxake nokho wukuthi namantombazane alo mndeni nawo ayabuya emendweni okukhomba ngokusobala ukuthi ikhona le nto eyinkinga.
Yizimo lezi ezithinta umlando emuva lapho konakala khona okugcina sekulukhondolo lomndeni lapho kuyaye kuphunywe kungenwa kuthiwa kuyazanywa kuyalungiswa kodwa kube nhlanga zimuka nomoya. Kuthe uma ngibheka eyalo mndeni kwavela ukuthi kwaba nesehlakalo sokuphingana ngaphakathi emndenini. Kwalalana izelamani zandawonye kwase kuzalwa ingane yomfana. Abadala bakuthola lokho base befihla ngokuthi kuthiwe le ngane yomfana ezelwe ingeyesibongo esabhadekwa umkhwenyana womunye womndeni. Amakhehla nezalukazi ngoba vele akujwayele ukufihla izinto zomndeni akucindezela lokhu. Kuthe uma umntwana eseganwa owakhe unkosikazi owayengenacala kodwa ngokuthi wabe eyingane esibongo fanana kuyise nonina, waba yibhadi nesiqalekiso sanoma ngubani oyophuma esendeni lakhe. Namhlanje wonke amadodana nesizukulwane esiphume kuyena namadodakazi kube yisiqalekiso sesibongo sokuphingana kwabandawonye.
Into eyenza kube lukhuni ukulungisa isimo esinjengalesi, sihlule izinhlanya ezehlukene, wukuthi kungumkhuba wasekhaya wangaphakathi, okufanele umndeni uyiveze le nto. Okugqamayo wumbuzo wokuthi wubani ozoyiveza, uma eyiveza bangaki emndenini abazoyikholwa ngoba bonke abanolwazi ngayo sebahamba kudala. Nongathi uyayiveza, okungaba wuhlanya oluqeqebulayo, sekungathiwa uyahlanya abizelwe ezinkantolo kuthiwe akayochaza kanti izinkantolo zakithi nomthetho akunandlebe yezinto zalolu hlobo.
Osekwenzeka kulo mndeni sekungukuhamba kwabantu emhlabeni asebefa ubuthaphuthaphu. Abanye bavukelwa amacala abangasawazi ngisho sebashiya kulezo zinkampani ababesebenza kuzona, baphuza utshwala kuze kukhale abantu. Ukufa kwamalungu alo mndeni nokuvuka kwamacala amadala kwenzeka sebeshiywe amakhosikazi. Abanye bala madodana benza izinto ezingakholakali ezithusa namalungu omndeni. Banukana bodwa uma kushone amanye amalungu omndeni.
Yingakho-ke siyaye sithi uma kukhona izinto ezithinta umndeni wonkana kufanele kuthi uma zivela amalungu omndeni asukume wonke, kungaphumi umuntu ngamunye ayozwa. Lapha singakhuluma ngezinto ezifana nokushona kwabantu belandelana emndenini, uphuzo oludlangile, nakho ukushiywa ngamakhosikazi okukhomba ukonakala koMsamo odinga ukulungiswa ngokomlando. ASIPHAHLE Masikuqaphele okuzishaya salukhondolo emsamo wasemndenini. BHEDLINDABA: (033) 5691317/ 0797471911/ 0728972001.