Isolezwe

UManana udicilele phansi eyokuvikel­wa kwabesifaz­ane

-

ISENZO sePhini likaNgqong­qoshe weMfundo ePhakeme uMnuz Mduduzi Manana sibi, siyihlazo, siyanenga futhi kumele ajeze ngaso. Izolo uManana ube ngundabuze­kwayo ngemuva kokusabala­la kwe-video okuthiwa kuyo ubemukluza phambi kwabantu owesifazan­e.

Ngokwe-video nenye ingxoxo eqoshiwe uManana ugane unwabu ngemuva kokubizwa ngesitaban­e yile ntokazi abebehleli nayo endaweni yokucima ukoma eseGoli ezintathak­usa zangeSonto.

Kuvela le ntokazi ishaywa ize iwe phansi, abanye abebehleli nabo bemile bebuka kanti kuthiwa abaqaphi nemeneja yakule ndawo nabo bebebuka.

UManana uyilungu lesigungu esiphezulu se-ANC, uyilungu lePhalamen­de futhi ukwiKhabhi­nethi.

Lokhu kusho ukuthi kumele aziphathe ngendlela ehloniphek­ile, abe yisibonelo esihle emphakathi­ni.

Yingakho izolo ebegxekwa nxazonke ngoba asolwa ngakho kufana nokuthela ngeqanda lenjelwane imikhankas­o enhlobonhl­obo ekhona ezweni, yokulwa nesihlava sokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane esihlasele eNingizimu Afrika.

Nathi siyakugxek­a ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane nezingane futhi labo abatholaka­la benecala lokwenza lokhu kumele bajeziswe.

UNgqongqos­he wezamaPhoy­isa uMnuz Fikile Mbalula kulezi zinsuku akupheli olimini lwakhe ukuthi bazimisele ukuvikela abesifazan­e nezingane futhi kumele bajeze ababahluku­mezayo.

Njengoba uManana ezivumele yena lesi senzo waze waxolisa kule ntokazi, umndeni wayo nakuhulume­ni, sekumele umthetho uthathe indawo njengoba livuliwe necala.

Lesi sigameko sifakazela okuhlale kuvezwa njengemban­gela yokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane, okuwukuthi abanye abantu esikhundle­ni sokulungis­a izinto ngezinye izindlela, baba nodlame.

Odabeni lukaManana-ke akumele kubukwe indaba yodlame kuphela kepha neyokuthi ucasulwe wukubizwa ngesitaban­e.

Ukubhodla kwakhe umlilo ngokubizwa ngesitaban­e ngabe kusho ukucwasa noma ukuhluleka ukubekezel­a abathandan­a nabobulili obufanayo yini?

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa